KULINDELEKE abalandeli besilomo sikamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, batheleke ngobuningi babo eWorkshop Amphitheatre, eThekwini ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni njengoba kuzobe kushuthwa i-video yangoma ethi Ikhaya Lami. UKhuzani uthe okwenze ahlele lombuthano ukuthi akalitholanga ithuba lokuhlangana nabalandeli bakhe ngenxa yemithetho yokunqanda iCovid-19.
"Njengoba sonke sazi ukuthi sike savalelwa ezindlini iminyaka emibili, singabonani, lena i-albhamu yokuqala ngqa engiyikhiphe emuva kokuthi sesikhululiwe kwi-Covid. Ngibone kufanele ukuthi le-albhamu siyijabulele ngokuthi sike sihlangane, siyidlale sonke sindawonye," kusho uKhuzani osanda kukhipha icwecwe elishisa izikhotha elisihloko sithi Umqhele Nethawula.
"NgoMgqibelo wona lona esiya kuwona asidibane eWorkshop bese kuthi eGoli sidibane ngeSonto eJeepe Park. Sizobe sigqoke amathawula nemiqhele yethu, okuwuphawu lwethu olusha lokujabulela i-albhamu entsha." Ube eseshaya ikhwela elibhekisa ezinduneni zamagatsha ukuba zimdlulisele lomlayezo kubalandeli abangaphansi kwazo. Uthe uzobe ezifikele mathuba eWorkshop Amphotheatre ngoMgqibelo. Uthe uzobe etshela abalandeli bakhe ukuthi "Awubambitshe mfana, awubamb'ingezengeze mfana. Ngizobe ngishutha ne-music video wengoma ethi Ikhaya lami khona eWorkshop." Kwenzeka lokhu nje abantu basemakhaya sebeqalile ukugida ingoma emaceceni nasemishadweni ngezinye zezingoma zakhe, okubalwa kuyo ethi Intshukantshukane. Nakuma-music charts le-albhamu beyisazihola phambili emacwecweni awu-100 athengwa kakhulu kanti nakwi-iTunes 100 Top Songs uqophe umlando ngokuthi izingoma zakhe ezilishumi, eziqukethwe yile-albhamu zingene zilekenyane. Uthe kuyaqala ngqa lokhu okwenzekayo "Ngisho nakimi uqobo, akukaze kwenzeka." Ezingomeni ezibalwa nezithengwa ubuthaphuthaphu ku-iTunes kuleli kukhona ethi Umuntu Onengoma (Onengane) Ikhaya Lami, Usizo Lwabantu, Intshukantshukane, Ungibona Ngicwebezela, Bamb' Itshe, Isalakutshelwa, Ngizinikele nethu Ukukhumbula Umuntu.
*Khonamanjalo uKhuzani ungomunye wabaculi abazobe benandisa kwiSomnandi Music Festival esoLundi Stadium, oNdini ngoDisemba 17 kusukela ngo-9 ekuseni. Kubaculi ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa naye uSomnandi, Imithente, Mashelela, Dumakahle, Mzukulu, Bonakele, Gatsheni, Ali Mgube, AmaYellow Bone, Khuzani, Igcokama Elisha, Stability, Mdumazi, Shwi, Mtekhala, Ithole Lendidane, Saliwa, Mroza, Falabo, Qhosha, Zulu Messengers, Mfiliseni Magubane, Dr Buselaphi, Abanqobi, Colenso Abafana Benkokhelo, Mashwabana, Mdabu Ngqulunga, Abanqobi, Jumbo, Professor Langa, Sjava, Amaroto, Inkosi Yamagcokama, Aubrey Qwana, Bahubhe, Skweletu, Phuzekhemisi, Ithwasa Lekhansela, Thobekile Mkhwanazi nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuZimdollar, KissB4,Linda Sibiya, Mroza Wangempela noMafresh.
*Amathikithi okuthamela iSomnandi Music Festival adayisa okwamagwinya ashisayo ezitolo zaseSpar naseTicketPro ngoR120, R200 (VIP) nangoR500 (VVIP).