ISIHLOKO: Last Man Standing
IQEMBU: BIG NUZ
UHLOBO: Durban Kwaito Music (DKM)
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
NGINGOMUNYE wabantu ebebefisa ukuba iBig NUZ ingabe isaqopha omunye umculo. Isizathu wukuthi seyishiwe ngamalungu amabili, uSbusiso "R Mashesha" Khomo, noMandla "Mampintsha" Maphumulo. Kepha amathe abuyele kasifuba uma sengizwa i-Extended Play (EP). Bese ngikhohliwe ukuthi iBig NUZ eyomphakathi.
Ngimethulela isigqoko uNkosingiphile "Ngane" Sikopi, ngesigubhu asenzele leli qembu laseMlaza, engomeni ethi Umuntu.
Okungixakile ukuthi kule ngoma kuboshelwe ngisho noR Mashesha, Mampintsha, noL'vovo, Bhar, noDanger.
Ngisithandile nesigubhu seWorst Behaviour engomeni ethi Mantshontshana kodwa uDanger ubengenza kangcono ngomyalezo wale ngoma. Ngisho kanjena nje ukuthi izinhlamvu zikaDanger yizo ezivamise ukungihlaba umxhwele kwiBig NUZ, ikakhulu engomeni ethi Umlilo nethi Emahlanyeni.
Ngizwe izinyembezi zigcwala amehlo ngilale iTribute, okuyingoma ebalisa ngokudlula emhlabeni kukaMampintsha noR Mashesha. Ngiwuthandile umyalezo wezinhlamvu zikaLungisani ‘Emza’ Njapha, nezikaDanger. Angisayiphathi eyezwi elinkeneneza kamnandi likaClive ‘Mlu’ Mthethwa. Akakaze ashaye eceleni uMlu ngephimbo lakhe okungathi elentombazane. Abaningi bazolikhumbula iphimbo lakhe elipholile engomeni kaDJ Ganyani eyayithi I'll Be There. NakwiTribute ubenzile ubulungiswa.
Ayingichazanga ikhorasi yengoma okupikwe kuyo uPholoso ‘Toss’ Masombuka, noDJ Tira, ethi Intombazane. Ngicikwa yingxenye ethi "Mmunce, Ngaphambi Kokub' Umnike." Yize lengoma ethi Ukhetha Bani imnandi futhi iyiBig NUZ kodwa isigubhu sicishe sifane nesale ethi Ngeke Ngivume.
Yebo ngizwile abantu bekhalaza ngesihloko se-albhamu. Abanye bathi kungathi uDanger ubeqhosha. Ngayizwa nempendulo kaDJ Tira kodwa mina bengizothi iLast Chapter noma iThe Last Round.
Mhlawumbe uDanger usengabuya ehambisana no-Emza, Professor noBhar futhi sebezibiza ngeZase-NUZ noma EzaseMlazi. Isiphakamiso nje.
Nakuba kunjalo, imnandi i-EP. Abathandi bomculo wabafana baseMlaza, bazobhema bakholwe.