IZIHLABANI zomculo ohlukahlukene zizoshiyelana inkundla kwiSagiya Musical Collaboration in Cultural Diversity eRed Hill, eThekwini ngomhla ka30 Septhemba, kusukela ngo-6 ebusuku.
Emgubhweni owenziwa ngokubambisana yiSagiya Foundation noMnyango wezobuCiko namaSiko ngaphansi kohlelo olubizwa ngeMzansi Golden Economy, kuboshelwe omphetha besicathamiya iKholwa Brothers, umculi we-jazz uMthobisi Mthalane, uRoyalson, Xolisa Dlamini, Nicky Shange nabanye.
Umgqugquzeli womcimbi, u-Atlas Duma, uthe kuboshelwe izihlabani eziqokwe emiqhudelwaneni ehlukene enjengeMzansi Jazz Awards 2022 nakumaSATMA Awards 2022.
"URoyalson uzobe ethula i-albhamu yakhe ethi Sana Lwami. Kuzobe kukhona nezihlabani zeWorld Championship 2022 emculweni kacothoza iKholwa Brothers."
Uthe uNicky Shange uzodlala bukhoma izingoma ezikwi-EP yakhe entsha eshisa izikhotha ayiqopha
kuSagiya Celebrates KZN Jazz Legends 2021 ayikhiphe ngawo lo nyaka.
"Ozobe emele abamhlophe nguSolwazi Anthony Rippon, ozobe egabe ngamanoni eContemporary Rock and Pop. URippon naye une-EP ayikhiphe khona kule nkampani, iSagiya Records ngo 2021."
Uthe iSagiya Foundation isebenzisa umgubho ukuhlanganisa izinhlanga ezahlukene, okuyimizamo yokudala ubudlelwane phakathi kwezizwe ezakhele iNingizimu Afrika.
Eqhuba uDuma ukwazile ukuhlanganisa i-Afro jazz ne-Afro soul edlalwa ngabansundu ne-Indo sound neBollywood edlalwa ngabomdabu wabaseNdiya. AmaNdiya azobe eholwa wuRajive Mohan njengomqondisi kwi-Indo sound and Bollywood noVincent Mtetwa ongumqondisi we-Afro Jazz, Afro Soul, Contemporary Rock and Pop. Emkhamkheni we-Indo Sound and Bollywood kuzobe kuboshelwe uShashika Mooruth, Shanjeet Teeluck, Vishen Kemraj.
Eqhuba uthek Kuzobe kudluliswa imiyalezo yoxolo nokuzwana ezizweni ezakhele iNingizimu Afrika, ikakhulukazi eKZN njenjoba kuke kwaba nezidubedube zangonyaka ka 2021.
NgoLwesithathu kuzoba nenkundla yokucobelelana ngolwazi lezokusabalalisa umculo ngobuchwepheshe basimanje, okuzobe kushiyelana kuyo inkundla ongoti okubalwa kubo, uPablo Solis Vega oqhamuka kwizwe lase Los Angeles no Sphe Mbhele weMusic Imbizo.