OWAZIWA njengomethuli wezinhlelo nomlingisi, ngesonto eledlule ukhiphe ividiyo yengoma entsha ethi Ingwe, kwajabula abaningi ngenxa yogazi lwakhe futhi kwasabalala izithombe zakhe zengqephu esemcimbini wamaSouth African Music Awards (Sama). Ekuqaleni kwenyanga bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana ngomsiko ka-Anele oveza ibele elime mpo, nokuyiphupho labesifazane abaningi.
Isasasa kubantu ngemva kwengoma ekhishwe ngeledlule ngumrepha u-Anele Zondo, ethi Ingwe.
Lokhu kumakhele ugazi kwamandisela nabalandeli ngoba ukhiphe ividiyo yengoma abantu bakhombisa ukumeseka. U-Anele uthi ngaphandle kokwesekwa ngabe akekho kuleli zinga akulo emculweni, wabonga abantu abamesekile okubalwa nomndeni wakhe.
"Ngisanda kubuka ividiyo, lalela umlilo iyikho konke," kusho uWanele Zanenhle.
Babodwa abachazwa nayizithombe asanda kuzinameka ezihambisana nevidiyo.
"Awe khona lana ugqoke khona okumhlophe," kuchazeka uTsana. Abakhohliwe ukuphawula ngomsiko wakhe wangelidlule kumaSAMA .