NGAPHAMBI kokuthi nginkante ngithi angihlambuluke ukuthi nami ngingomunye wabantu ababekubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi uDuncan uza nani kwi-albhamu yakhe yesithathu, esihloko sithi Incwadi Yezono, obese kuyisikhathi eside kakhulu ilindiwe njengoba agcina ukukhipha i-albhamu noZakwe ngo-2020.
Ngithe sengilale le albhamu enezingoma eziwu-20, ephume ngesonto eledlule, ngezwa kuthi cosololo enhlizweni, ngabona futhi ngakholwa wukuthi umfo kaMbambo ubesilindisele into ekhona isikhathi eside kangaka, esapheka lo msebenzi.
Phakathi kwezinto ezingihlabe umxhwele ngeNcwadi Yezono wukuthi ididiyele izingoma ezingezindikimba ezahlukene, kusuka othandweni, ezikhuthazayo, ezibuyisa ithemba, nasikhombisa kuzona ukuthi unethalente elimangalisa kangakanani lokurepha.
Abaningi bayazi ukuthi umculo i-hip hop uke wathwala kanzima kangakani kusukela eminyakeni emine kuya kwemihlanu edlule ngenxa yokungenisa kwama-piano ezweni, engikholwa wukuthi ukuphuma kwe-albhamu yezinga eliphezulu kanjena kwenzeke ngesikhathi esifanele ukukhuphula izinga le-hip-Hop, kunjalo nje kungasiza ukukhuthaza abanye omrepha ukuthi babhukule.
Incwadi Yezono ifakazele ukuthi akukhona ukuthi i-hip hop isiphelelwe yisikhathi, njengoba sike sizwe abanye besho njalo. Kunalokho, ikhombise ukuthi uma omrepha bakuleli bezinika ithuba elanele lokupholisha umsebenzi wabo futhi baqikelele ukuhambisana nesikhathi nokufunwa ngabalandeli. Umculo wabo usengaqhubeka ube sematheni njengoba kwenzeka ngoDuncan, kanjalo noSimamane (naye oza kabi kula malanga).
Yingakho ngithi okwenziwe nguSkuva kufane nokuthela ushukela etiyeni kubalandeli be-hip hop, okufakazelwa yindlela abalalela i-albhamu yakhe ngayo, yimibono yabo nezincomo abakuveza ezinkundleni zokuxhumana, betusa izinga eliphezulu layo.
Ngifisa ukuthi nabanye omrepha abese bephose ithawula bavuke bazithathe, bakhathalele ubuciko babo ukuze i-hip hop izohlale isematheni njengeminye imikhakha yomculo esinayo ezweni. Ngijabule kabi nje ngizwa kuthiwa omunye umrepha ongaconsi phansi, u-K.O naye uzokhipha i-albhamu yakhe ngesonto elizayo, engithemba ukuthi nayo izohamba ezinyathelweni zekaDuncan.
Maningi amaciko asafufusa enza i-hip hop, nawo azokhuthazeka ukunaka ubuciko bawo be-rap, okuzosiza ukuthi lo mculo ogabe ngobuciko bokudlalisa amagama, ungashabalali - uhlale ukhona ngoba sizobe sazi ukuthi uma bengasekho oZakwe, Duncan, K.O, Cassper Nyovest, Kwesta nabanye, akhona amanye amaciko esiwathembile ukuqhubeka lapho abayobe bephelele khona.
Ngiyazi ukuthi ngeke sithande izingoma ezifanayo kule albhamu, kodwa mina ingihlabe umxhwele lena ethi Izithakazelo, Uthando Lwabazali (ayishaya ne-Q Twins), Kade Ngizama (ayishaya neNtaba yaseDubai), Bawelile (ayishaya noRiot noZakwe), Wena (ayishaya no-Azana) nethi Nqaba Yami (apike uNana Atta kuyona). Ungayilalela nawe, uziqokele ezikushaya ngaphakathi.