ISIHLABANI somculo wama-piano sodumo lwamanoni athi Impumelelo, Masithokoze nelithi Sgudi Snyc, uNqubeko Mbuliso "Eemoh" Shangase, usenxuse abantu ukuthi byeke Ukumbiza ngentombazane.
"Ngize nganivumbulela izithombe zami zakudala ngenhloso yokuqinisekisa kini ukuthi ngiyibhungu. Uma namanje ningakholwa, andizingeni (eqonde ukuthi akudokwe ligayelwe yena).
U-Eemoh (22), odabuka eNtunjambili, eKranskop, uthe akazi kungani abanye abantu bengakukholwa ukuthi ungumuntu wesilisa.
"Abantu abacabangi ukuthi ngiyindoda." Lo mculi uze wathi inqwaba yabantu besifazane nayo izitshela ukuthi ungumuntu wesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe.
"Angazi lokhu kubangelwa yini. Yinto engeyinhle nengihlukumezayo kodwa ngiyakwazi ukubhekana nayo."
Uthe ngelinye ilanga wathi ezidlulela erenki yaseGoli wezwa ngomshayeli wetekisi esethi"Hey Mama." Uthe washaqeka, wazibuza ukuthi ngabe wayekhuluma naye yini kodwa kwacaca ukuthi wayebuza ibhasi ibhaliwe. Uthe abanye baze bamfanise noBabes Wodumo.
Le nsizwa engaconsi phansi yaqala ukuveza ikhono lokucula isafunda eVusizwe Primary ngo-2011. Seyenza uGrade 8 yabe seyizama ukuhlabelela izinhlobo ezihlukene zomculo, okubalwa kuzo umaskandi, kwaito ne-hip hop.
Ngo-2014 u-Eemoh wabe esehlangana nabafana bangakubo basungula iqembu, iFuego Gang.
Emuva kokuphothula uGrade 12 eKranskop High ngo-2016, wabe eseyokwenza iziqu zomthetho (LLB) e-University of KwaZulu-Natal.
Eseziphuthulile lezi zifundo ngo-2021, u-Eemoh ube esethatha isinqumo sokucula ngokuzimela futhi wakhipha icwecwe lohlobo lwe-Extended Play (EP) elisihloko sithi New Wave King.
Nyakenye wapikwa wuSam Deep noDa Musical Chef engomeni egcine isidayisa amakhophi angaphezu kuka-20 million elisihloko sithi Impumelelo.
Kusukela lapho ube esesebenza noHarry Cane, Master KG noDJ Latmmoy engomeni ethi Dubula (Remake). Wasebenza noDJ Stokie kwethi Masithokoze kanye noDe Mthuda, Da Musiqal Chef noSipho Magudulela kwethi Sgudi Snyc.
U-Eemoh, osanda kuhlabana ngomklomelo we-2023 Breakout Artist of the Year kumaMetro FM Music Awards, uzogubha usuku lokuzalwa ngomcimbi iPurple Winter (PW) eZone 6 Venue, Diepkloof, eSoweto ngoJulayi 26.
Uthe ngalo mcimbi uhlose ukuba abantu bakhohlwe yizinkinga kodwa bajabule.
Kulo mcimbi kuboshelwe izihlabani ezinjengoSjava, DJ Stokie, Mas Musiq, Aymos, Sam Deep, Blaq Diamond, Mthunzi, Zee Nxumalo, Usimamane, Thakzin, Da Musiqal Chef nabanye.