ISIHLOKO: Ntsako
UMCULI: Kelvin Momo
UHLOBO: Amapiano
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UThato "Kelvin Momo" Ledwaba, waziwa ngelenkosi yomculo wamapiano obizwa ngenkosi yePrivate School Amapiano ngenxa yekhono lokukwazi ukudidiyela izinhlobo ezahlukene ezingomeni zakhe. Ukwazi ukulumbanisa isigqi se-jazz, deep house nese-lounge.
Ukuqhamuka nohlobo lwakhe lwesigqi samapiano kwenza uKelvin Momo agqame kozakwabo futhi sekumakhele ugazi nakubalandeli bomculo bamazwe ngamazwe.
Kuyasho ukuthi le mambana yaseDiepkloof, eSoweto, yaqala ukudidiyela umculo iseneminyaka ewu-15. Kusukela lapho ayibange isabheka emuva. Abaningi bazomkhumbula uKelvin Momo ngamanoni athi Umalukatsi, Mangidakiwe namanye.
Le-albhamu esihloko sithi Ntsako ingeyesithupha kwawakhiqize e-studio. Ilandela eyesihlanu eyayithi Sewe.
Leli cwecwe elinezingoma ezingu-24 liphume ngoDisemba 13 futhi libophele amaciko ahlonishwayo, okubalwa kuwo uMawhoo, Babalwa M, Boohle, Mkeyz,Maremo Violin, Nvcho, Stixx, Cnethemba Gonelo, Mzizi, Mick Man, Da Muziqal Chef noKabza De Small.
Izingoma ezingichazile ngezithi Waze Wamuhle, Flawles, Bazali, Moments, Mfula, Shapa Katara, Qhoqhoqho, Vulani nezinye.
Uma uthanda isigqi samapiano esithakwe nomnkenenezo wesigingci nophiyano, nomakanjani uzoyithakasela le-albhamu. Ayinaminyaka. Ngeke umangale uma ufica nama-grootman nezaguga beyilalele bethe dekle phansi. Yize inesigqi esisheshayo kodwa izinsimbi ezidlalwa khona zenza ithakaselwe ngabantu beminyaka ehlukahlukene.
Nabeminyaka yo-1950 bazoyijabulela, kanjalo nama-2000 azobe eshona evumbuka ngevosho.