YIZE ingoma kaKhethokuhle ‘Sphithiphithi’ Dlamini, esihloko sithi Imnandi Le nto, idume njengomfazi odlisayo ezinkundleni zokuxhumana kodwa uthi imisakazo emikhulu isayishalazela.
Le ngoma esibukwe ngabantu abangaphezu kuka-700 000 kwiYouTube, idunyiswe emhlabeni nguthisha womdanso wokuzivocavoca oawduma esagijima eqenjini leJomo Cosmos, uNkululeko ‘King of Squats’ Dlamini waseMnambithi, obuye ateketiswe ngelikaNyawozomshini.
I-vidiyo kaNkululeko (38), okudlala kuyo le ngoma kaSphithiphithi, seyibukwe amahlandla angaphezu kuka-20 million ezinkundleni zokuxhumana.
USphithiphithi, odabuka esigodini saseNtapha, eHlokozi, uthe le ngoma uyicula ngokuhlanganyela nozakwabo, uThandeka Hadebe. Uthe akakazikholwa izimangaliso ezenziwa yingoma ezinkundleni zokuxhumana.
"Kuyangijabulisa kakhulu ukubona abantu bethakasela umsebenzi wami ngale ndlela. Nginethemba lokuthi nasemisakazweni bazogcina bekholelwa kuyona njengoba besayishalazela nje."
Uthe akuyona kuphela imisakazo engayiqhakambisi kodwa ukhala nangabahleli bemicimbi abancamela ukuqasha oDJ ukuba badlale ingoma yakhe kunokuqasha yena ukuba ayicule bukhoma emicimbini yabo
"Nginesifiso sokuthi abahleli bemicimbi yonke nje ekhona la kwelakithi banginike ithuba ngijabulise abathandi bomculo. Ngiyabathembisa ukuthi ngeke ngibaphoxe," kusho uSphithiphithi ofunde KwaNgwenda, eGebhasi CP naseZamafuthi CP ngaphambi kokuqeda eLuswazi High.
Lo mculi uqale ukucula ngo-2019 lapho enze khona i-albhamu esihloko sithi Ngicela I-Support.
"Ngabuya ngo-2021 ngenza i-EP enezingoma ezimbili, ezithi Kufa nethi Ziyakhala, ngihambisana neThwasa Lekhansela.
Ngicela ukucacisa-ke ukuthi le-EP ngayikhipha kungakatashwa ngoba abantu bazitshela ukuthi ngasebenzisa izinhlamvu ezazisetshenziswa ngesikhathi kutatshwa kanti ingoma yayiphume ngo-Ephreli."
USphithiphithi uthe ubuyile ngoMashi 6 kulo nyaka esehambisana noThandeka Hadebe esethi Imnandi Le nto.
"Ngiyacela ezinhlakeni ezibhekela amakhono kuleli ukuthi zingibeke ezingeni osekufike kulo ingoma yami ngoba iya-trender kodwa mina angiqashwa kuyona yonke imicimbi.
Angazi ukuthi yini imbangela yokuthi uma kunomcimbi omkhulu, ingoma yami idlalwe ezimotweni nasemcimbini ekubeni mina ngingaqashiwe ukuzobadlalela bukhoma.
Angeneme neze, kubuhlungu kakhulu. Ngiyafisa ukunikwa ithuba ngijabulise abantu," kuphetha uSphithiphithi.