UMCULI we-Afro pop, uSanele "Zakwethu" Ndlovu ukhiphe unqambothi lwengoma ye-Afro soul esihloko sithi Shintsha, acula kuyo nesihlabani salo mculo uLinda Gcwensa.
UZakwethu (26) odabuka eMlaza, uthe ngale ngoma uqonde ukwazisa abantu besifazane ukuthi bengabantu besilisa banesikhwele esixakayo uma bephuma bebahle kakhulu.
"Abanye (abantu besilisa) bafela ngaphakathi, kubonakale ngensizwa isilokhu ifona njalo kanti idlala ukwethuswa ukuthi umuntu wayo wesifazane uphume endlini emuhle kakhulu.
“Kahle kahle ingoma iqonde ukuthi kuhle ukuba nesikhwele ngomuntu omthandayo nangendlela amuhle ngayo. Eyokumncoma," kuchaza uZakwethu.
Ngobumnandi lengoma ikulezo ezingasoze zabuna njengekaShwi Nomtekhala ethi Ngafa, ekaNathi Mankayi ethi Nomvula nekaZahara ethi Loliwe.
Echaza ngokusebenzisana noLinda, uZakwethu uthe wabona uLinda ecula esontweni likaPastor Zondo maqede waluthanda uhlobo lomculo ayelucula.
"Ngathanda umculo wakhe, ngaleso sikhathi bengisacula i-gospel. Wathi uma ecula izingoma zakhe ngavele ngabona ukuthi yilona hlobo lomculo engiluzwa enhlizweni lolu.
‘Ngase ngiya e-studio ngayoqopha ingoma yothando maqede ngamcela inamba ezinkundleni zokuxhumana, wanginika," esho
UZakwethu uthe ube esethumelela uLinda ingoma yokuqala ngqa yothando empilweni yakhe ayeyiqophile.
"Wayithanda wasengisondeza eduze kwakhe. Saqala saqopha ingoma ethi uMhlaka Happiness, ngathola ithuba lokudlalwa emisakazweni emikhulu njengoKhozi FM neminye eyahlukahlukene," kuqhuba uZakwethu
Uqale ukufunda eZamokuhle Primary, wadlulela KwaNonqomfela Primary KwaMkhizwane naKwaMgaga High, eMlaza.