UMCULI obe sematheni egxekwa abantu ngokugqoka kabi, uLady Zamar, useyishintshile inkampani ebimgqokisa, iPineApple Designs.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi: Collide, ushaye phansi ngonyawo kuleli phephandaba phambilini ethi ngeke ayishintshe inkampani emgqokisayo ngoba akenzeli abantu ngokugqoka.
Inkampani yomculo angaphansi kwayo i-Universal Music, ithe imphoqile ukuthi ayishintshe le nkampani ngoba ibiyehlisa isithunzi sakhe.
UNgcebo Mdima wase-Universal Music, uthe babe nomhlangano noLady Zamar bamchazela ukuthi indlela agqoka ngayo yehlisa isithunzi sakhe ekubeni ungumculi osevelele, maqede bayishintsha.
“Manje usegqokiswa iMashilo B Designs. Emicimbini eminingi uzobonakala egqoke izimpahla zeMashilo B Designs. Nabanye abathungi bengqephu sizobanika ithuba lokuthi bamgqokise. Kodwa njengamanje ugqokiswa yiMashilo B Designs,” kusho uNgcebo.
Uthe nabo bebenganakile kodwa baqale ukuqaphela ngesikhathi enandisa kuMiss South Africa, uLady Zamar ukuthi iPineApple imgqokisa kabi.
Bathe nangesikhathi eqeda ukunandisa emcimbini bamtshelile ukuthi ubengagqokile kahle kanti baningi nabantu abakuqaphele lokho.
UNgcebo uthe lo mculi wuyena owayeziqokela iPineApple ukuthi imgqokise.
“Ngesikhathi sikhuluma naye uLady Zamar, ngendlela agqokiswa ngayo yiPineApple, usitshele ukuthi ubezama ukweseka abanikazi bale lebuli ngoba uyabazi futhi bangabathungi abasafufusa.
Simtshelile ukuthi akumele anake ukweseka abanye abantu, aze akhohlwe yisithunzi sakhe engumculi,” kuqhuba uNgcebo.