INGQALABUTHO yombhali wemidlalo yeshashalazi, uDkt Mbongeni Ngema, ihambe inhliziyo yayo ibuhlungu ngendlela i-ANC esiphethe ngayo izwe. Lokhu kushiwo umengameli weCultural & Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa), uJoy Mbewana, enkonzweni yesikhumbuzo sikaNgema ebibanjelwe ePlayhouse Opera Theatre eThekwini, ngoLwesithathu.
Uthe uNgema uze waqamba ingoma esihloko sithi Thina Bantu Abamnyama Sesidinga ngoba ecikwa wuhulumeni wakulelizwe.
UMbewana uthe uyathemba igazi likaNgema yilo eselizokhulula amaciko kulobu bubha abhekene nabo. Ubuye waveza ukuthi abalingisi abadala beSarafina abasebenzi ndawo futhi abanamizi ekubeni balwela inkululeko yaseNingizimu Afrika futhi baze badingiswa.
ILadysmith Black Mambazo ithe igqemeke udume lwengozi ngokuhamba emhlabeni kukaNgema ngoba ubesefana nobaba kuyo. AMambazo asebenzisane kakhulu kakhulu noNgema njengoba aze acula ngokuhlanganyela inoni elalithi One Blood. Ilungu elidala laMambazo, u-Albert Mazibuko, uthe uNgema ubeyindoda ebinamagalelo amakhulu futhi ingesabi ukusho lokho ekholelwa kukho.
"Nakithi bekuthi uma sekuhlasela izingqinamba singapheli amandla ngoba besazi ukuthi ukhona yena, uzosikhuthaza."
Omunye wabaholi baMambazo noyindodana kaMshengu, uSbongiseni Shabalala, uthe uNgema ubesefana noyise kuye njengoba ubebuye athekele kuye ulwazi.
Umbhali wemidlalo yeshashalazi, uJerry Pooe, uthe yena ufunde lukhulu kuNgema, ikakhulukazi ekuvumbululeni nasekuthuthukiseni ikhono.
Inkonzo iphenduke idili lomculo njengoba kuqale amalungu amadala eSarafina, kwalandela awesibili nawesithathu. Abanye abaduduze izithameli ngoMbuso Khoza, Sphumelele Mbambo, Afro Soul, Lamontville Ensemble nabanye.
Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele le nkonzo kubalwa owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, owayengundunankulu waseKZN, uMnuz Sbu Ndebele, uNdunankulu esifundazweni, uNkk Nomusa Dube, uNgqongqoshe Sboniso Duma, uNgqongqoshe uNomagugu Simelane, uNkk Bridgette Radebe, uMfu Vusi Dube nabanye. Kosaziwayo bekukhona uMbalenhle Cele, uThabo Mnguni, Simphiwe Majozi boZalo nabanye.
UNgema ushiye umkakhe, indodana nomfowabo nodadewabo. Uzofihlwa emathuneni aseThekwini, ngoLwesihlanu.