USOMABHIZINISI waseThekwini, uShauwn Mkhize, ubongelwe ngabalandeli bakhe nosaziwayo ngoMgqibelo, eveza izindaba zokuthi uhlonishwe ngeziqu zobudokotela.
USOMABHIZINISI waseThekwini, uShauwn Mkhize, ubongelwe ngabalandeli bakhe nosaziwayo ngoMgqibelo, eveza izindaba zokuthi uhlonishwe ngeziqu zobudokotela.
UShauwn uhlonishwe ngalezi ziqu yisikhungo iGood Shepherd College of Religion and Training, ngegalelo lakhe lokusiza intsha nabesifazane emphakathini eyahlukene KwaZulu-Natal.
Ebhala ezinkundleni zakhe zokuxhumana, uShauwn uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi yena nodadewabo, uNozipho Ngubo, sebenalezi ziqu.
“Sawubona mama nobaba. Nakhu thina madodakazi enu sobabili sesingodokotela. Ngiyathemba ukuthi nobabili niyawubona lo mzuzu, futhi niyaziqhenya ngathi kakhulu. Ngiyabonga kuMdali ngalolu suku, ngiyabonga nabakithi oKhabazela kaMavovo kayiHlandla. Imizuzu efana nalena engiyibonga ngingaphezi ngokusuka enhliziyweni. Ukubungazwa kwami nokuhlonishwa ngisaphila. Kusuka manje seningaqala ningibize ngoDkt President Shauwn Mkhize,” kubhala uShawn.
Uqhubekile wabonga abangani bakhe abahlanganyele naye emzini wakhe la bekunedili khona lokubungaza lokhu kuhlonishwa kwakhe.
“Ngiyabonga kakhulu kubangani bami, ngiyaziqhenya ngani nokuthi nisempilweni yami. Isipho ongasinika umuntu ukuthi ube khona uma ekudinga. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu,” kuchaza yena.
Osaziwayo okukhona kubo uWinnie Ntshaba, bamhalalisele uShauwn.
UWinnie uthe, “Dkt Shawn, ngiyakuthanda ukukubiza kanje. Ngiyakubongela sthandwa sami.”
UZee_uyandah0909 uthe: “Uyisibonelo kwabaningi, sengathi uNkulunkulu angakuvikela akuphe eminye iminyaka eminingi ezayo Dkt MaMkhize.”
UDJ Happygal uthe: “Siyakuhalalisela sthandwa, akusekuhle kanje Dkt.”