USOMABHIZINISI ophinde abonakale kwithelevishini, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, uthi unethemba lokuthi bazogqugquzeleka abantu abazofunda incwadi yakhe entsha i-My World My Rules.
UMaMkhize ophinde abe ngumengameli weqembu eligijima kwiDStv Premiership, iRoyal AM, uthe ukhiphe incwadi ngoba efuna ukubhekana nadlule kukho.
“Ngiyibhalele ukuthi ngibhekane nengidlule kukho nokuyizinto ebese ngizizibe isikhathi eside. Ngibeka ingemuva lapho lifanele ukuba khona. Lokho kusiza ukuthi uvule umqondo bese uvulela ingomuso,” kusho uMaMkhize.
“Okwesibili; wukuthi nginethemba lokuthi izogqugquzela abantu abasakhula ibenze baqonde ukuthi kuyenzeka. Impilo ayikho lula kuwona wonke umuntu, nami ngiba nazo izinselelo zami. Uma intombazane yaseMbumbulu ikwazile ukwenza izinto zenzeke nabo bangakwazi.”
Le ncwadi ebhalwe ngu-Amanda Ngudle, yethulwe eGoli, ngoLwesibili ebusuku, phambi kwezethameli. UMaMkhize uthe usazophinda ayethula nakwezinye izindawo okubalwa kuzo iTheku.
“Akukwazi ukuthi ingangethulwa eKZN ngoba yilapho ngiqhamuka khona. Ngizoyethula ngoMeyi 19 e-ICC (Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre). Kuzongenwa ngezimemo kuphela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kusuka namhlanje izobe isitholakala esitolo sezincwadi i-Exclusive Books na-online.
Ebuzwa ukuthi zikhona yini izinhlelo zokuyiphendula umdlalo wethelevishini, uthe: “Angikwazi ukuphawula ngoba angivumelekile kodwa ngesikhathi esifanele ngizophawula.”