INGWAZI yomculi, uMadala Kunene, uthi uyafisa kwenziwe ucwaningo kutholakale abaculi abadala ukuze bahlonishwe ngamagalelo abo besaphila.
Le ngwazi ethi ineminyaka engu-76 kodwa epasini okuvela ukuthi ina-74, izohlonishwa ngekhonsathi ePlayhouse, eThekwini, ngoSepthemba 29.
"Kuyangijabulisa futhi kunginikeza ugqozi ukuhlonishwa ngisaphila. Kwaze kwakuhle. Abafowethu abaningi bahambe bengahlonishwanga njengoSandile Shange, Sipho Gumede, Doc Mthalane noBusi Mhlongo. Sebeqalile ukuthi babone abantu esinabo, abahlonishwe besaphila. Kuhlonishwa mina beqa ubhuti wami omdala uJerry Kunene engifisayo naye ahlonishwe esaphila," kusho uMadala.
UMadala, ohlonishwe ngeziqu zobudokotela kwezomculo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngoMeyi, uthe abanye afisa behlonishwe ngo-Ellias Ngidi.
"Ngiyafisa ukuthi abantu abasiphethe benze ucwaningo bebathola kungathi umuntu esehambile bese ehlonishwa njengoClive Barker. Kuba kubuhlungu kithi esisaphila ngoba sinohulumeni, kungani amaciko engawanaki? Uthola umuntu esegula eseneminyaka engu-80 eya esibhedlela eRK Khan engabe uyiswa koSt Augustines izibhedlela ezibizayo kodwa imali ayikho. Thina asinama-medical aid kodwa sijabulisa umphakathi," kuchaza yena.
Ubonge isikhulu sasePlayhouse, uLinda Bukhosini, athe usiphethe kahle lesi sikhungo futhi kumthusile ukuzwa ngokuhloniswa kwakhe.
"Ngiyamncoma kakhulu, iso lakhe kodwa kuze kusho abantu ukuthi akasaphumi ngani ePlayhouse ngoba kade angena. Uzophuma kanjani umuntu othi uma kuphela unyaka ahambise izinto asezinzile. IPlayhouse ngiyazi abantu abamnyama bengavumelekile. Namhlanje sebefake isicathamiya kuze kuse. Siyawajabulela amagalelo akhe, uyasebenza loya ntombazane."
Uthe emcimbini uzobe ehamba namaciko ahlukene okubalwa kuwo uMthuthu ongelinye lawakhulisayo.
Amathikithi alo mcimbi ozoqala ngo-7 ebusuku, aseqalile ukudayisa eWebtickets ngoR100.
UMadala uqhube wathi zikhona nezinye izindawo azonandisa kuzo njengoba sekuyophela unyaka okubalwa kuzo iState Theatre, ePitoli.
"Asisasebenzi kakhulu ngoba kunomculo omusha ofikile. Angisho ukuthi ngiyawuhlaba kodwa ngiyawuncoma ngoba abafana baziqambele into yabo entsha amapiano. Kuyangijabulisa ukuthi bayeke ukukopela phesheya baziqalele okwabo. Thina sekuthi gqwa, angisasebenzi njengakuqala. Uma ngisebenza ngiya phesheya nakhu sekuqhamuka iCovid yathi ngqi, indaba yokushaya phesheya. Sekuzoqala futhi ngoba ngoMeyi, ngizothi qu eGermany."