UMETHULI wezinhlelo zethelevishini nozakhele udumo kwiThe Real Housewives of Durban (RHOD), uNonkanyiso Chonco, odume ngelika-LaConco (32), usephumele obala ngokuthi insizwa ezimisele ngokusinelwa uyena kuzomele isheshe ivele ngoba lapha ayethi uyophelela khona akulunganga.
Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto lapho abexoxa khona ngempilo yakhe nomsebenzi awenzayo.
“Ngenxa yokuthi ngingumuntu osebenza kanzima nangokuzikhandla, kungaba yingozi ukuthi ngigcine ngizuze kakhulu empilweni engekho umuntu engimganile. Noma kungeyona into engiyijahile ukugana kodwa ngiwumuntu okholelwayo ukuthi kumele ugane uma ungumuntu wesifazane. Ngebhadi la ngangithi ngiyongcwatshwa khona akulunganga. Njengomuntu wesifazane ngike ngizinike izinsizwa ithuba lokuthi zizibike kodwa angikaqondani nomuntu engibona ukuthi singagcina sakhe naye umuzi,” kusho uLaConco.
ULaConco wayegane owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, abagcina bebe nengane naye. Ngokokusebenza le ntokazi isibe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini eziningi. Isike yethula izinhlelo kuMzansi Magic okukhona kuzona, Ingane Yami, Our Perfect Wedding, Makoti are you The One, wabambela uLinda Sibiya kuMnakwethu, kanti manje wethula iForever Thina.
Ezintokazini ezazinaye kwiThe Real Housewives of Durban, uyena osathole kakhulu izinhlelo zethelevishini.
Uthe yize umqondo wakhe wawusekutheni abe yintatheli njengoba eneziqu zabo azithola eVarsity College, eThekwini, kodwa uhlelo i-RHOD lwamvulela amathuba.
“Ngangingazi lutho ngalo kodwa ngathi uma ngithola ucingo ukuthi kumele ngibe kulona ngashaywa wuvalo ngenxa yokuthi kuhlala kuvezwa ubukhazikhazi nje kulona kanti mina ngiwumuntu oyibhinca. Ngingathi wuhlelo olwalethwa wuNkulunkulu ukuze kuvuleke iminyango kumina. Nokuthi ngithole izinhlelo kangaka nami ngize ngithuke, ngithi uma ngibuza ophrojusa ngokuqoka mina kuzona ngokungikhetha, bangitshele ukuthi basuke bebone ngenza kahle kolunye bese bebona lungifanele abasuke benginika lona,” usho kanje.
Uveze ukuthi njengoba ethula izinhlelo kukhona olunye azoqala ukulushutha ngoJanuwari ngonyaka ozayo, kodwa angeke aludalule okwamanje. Kulona uthe abantu bazoqonda kahle ngempilo yakhe, kuthi nemibuzo abebenayo ngaye iphenduleke.
Kuningi nokunye athe usezinhlelweni zokuthi akwenze njengokuba nguphrojusa wezinhlelo zomlando ngabantu baseNingizimu Afrika, ngenxa yokuthi abakuleli abakukhonzile ukukwenza lokhu uma ubaqhathanisa nabaseMelika (USA).