INTOKAZI engusaziwayo ikhwele yadilika kulabo abagxeke ukuqokwa kwendodakazi engenele umncintiswano kanobuhle, ngoba besola ukuthi yenzelelwe.
UNtombi Mzolo oyindodakazi kaHhashi Elimhlophe unameke umyalezo ekhasini lakhe kuleli sonto, ekhala ngabantu abebegxeka ukuqokwa kwendodakazi yakhe, uNomvelo Mzolo (11) kuMiss Pre/Teen.
Izikhalo zabantu ziqhamuke ngemuva kokuba lo saziwayo enameke umyalezo ku- Instagram obunxenxa amavoti njengoba indodakazi yakhe ingezinye zezingane ezingenele lo mncintiswano okuzophinde kuhlungwe kuwo abaqokiwe.
Phakathi kwezinye zezikhalo zabantu ukuthi uNomvelo wenzelelwe ngoba eqhamuka emndenini wosaziwayo.
“Iyamangaza eyabantu abangawuboni umsebenzi esiwenza zonke izinsuku. Esinakho ekhaya sikusebenzele kanzima. Asikutholanga etafuleni elidekiwe. Igama nesibongo sethu sisisebenzele,”kusho uNtombi.
Uqhube ngokuthi bona bahamba inhlolokhono njengabo bonke abantu abasuke beyozama inhlanhla. Futhi nendodakazi yakhe ingene emncintiswaneni ngakho ukungenela inhlolokhono ebingenelwe ngezinye izingane.
“Abantu bamosha isikhathi begxile ezintweni ezidicilela phansi isithunzi sabanye bakhohlwe ukuzithuthukisa bona. Kuzo zonke izinto ezingalungile abasuke bezenza ukufisela abantu okungalungile,” kukhala lo saziwayo.
Uthe usemkhulu umsebenzi osalele abazali bezingane ezigcina ziyisisulu kokwenzeka ezinkundleni zokuxhumana. Futhi ukuhlukumezeka kwabo (abazali abasezinkundleni zokuxhumana) kumele kube yinto engadluleli esizukulwaneni esisazozisebenzisa.