SEKUQUBUKE umsindo phakathi komculi kamaskandi nowayengumsakazi woKhozi FM kubangwa ububi.
UNgizwe Mchunu uzwakala kweminye yemiyalezo eqoshiwe esongela uKhuzani Mpungose emsola ngokusabalalisa izithombe zabo bebobabili kodwa yena (uNgizwe) emubi, emahliphihliphi nezihlathi ezinkulu.
UNgizwe uphinde akhale ngokuthi lezi zithombe uma ezifaka ezinkundleni zokuxhumana uKhuzani uqala ngokuzihluza kahle ukuze afake lezi abukeka kahle kuzo. Usola uKhuzani ngokuthi ukwenza lokhu ngoba efuna ukubukeka emuhle kunoNgizwe.
Kulo mlayezo oqoshiwe uNgizwe uzwakala ethi: “Ngempela Mpungose wangifunani, hawu kodwa wangifunani? Kunini waqala ukungidikadika. Uqale wadedela amahliphihliphi esithombe sikwaPhuzushukela, ngimubi engathi ngiyingulube ngishiswe nayilanga sengingaka izidlathi. Manje into engiphatha kabuhlungu-ke manje udedele isithombe emotweni sinawe. Nakhona lapho ngibumbe umlomo, izihlathi zingaka ngimubi ngimahliphihliphi. Wena nje uhlezi uziletha * -right yonke into yakho ikuhambela kahle. Mina uhlala ungicindezela ngezithombe, ubona ukuthi uzolungelwa yini nje.”
AKAYIZWA kahle eyendoda ekhalela ukubukeka kahle ezithombe uKhuzani Mpungose osolwa uNgizwe ngokumnameka ezinkundleni zokuxhumana emubi Isithombe: INSTAGRAM/ KHUZANI MPUNGOSE
Ethintwa yiphephandaba uNgizwe ubhoke wakhahlela wathi akazi usabalale kanjani lo myalezo ngoba ubewuthumelele uKhuzani kuphela.
Uthe akazi usalandelwa nani ngoba akayena umsakazi futhi akasadumile. Nakho lokhu kukhononda kwakhe akakuboni njengento ebalulekile nedinga ukunekelwa izwe lonke.
“Hhawu engabe nangifunani, aniphume kimi manje! Kade ngayeka ukuba umsakazi kodwa nisangilandela. Angiyiboni into ewudaba olungaze lubhalwe kwiphephandaba. Ngangizidlalela noMpungose aningiyeke,” kusho uNgizwe.
Ethintwa uKhuzani uvele waphela insini wathi selokhu azalwa akayazi indoda ekhulumela ubuhle nefuna ukunconywa ngokuba yinhle.
Uveze ukuthi ngesikhathi uNgizwe ethintwa ngalolu daba umthintile naye wamtshela kodwa wakuthatha njengento encane neyihlaya abelenza.
“Mhlawumbe ufuna ukufana nami naye abe yi-yellow bone njengami. Angimazi ukhaliswa yini ngoba angizibheki mina izithombe uma ngizifaka ezinkundleni zokuxhumana. Nazo lezi enginazo zethu ngazifaka ngaphandle kokubheka ukuthi muhle noma mubi.
“Angiboni ukuthi uthukuthele ngempela ngikuthatha njengo mdlalo mina,” kusho uKhuzani.
Ephetha uthe akanayo ne-Application yokushintsha izithombe zibe zinhle.
“Okubonakala ezithombeni ubuhle bendalo,” kusho uKhuzani.