KUBONAKALA kusazoshuba kuKhozi FM njengoba izikhulu zalo msakazo sezikusukumela ukwesula komsakazi walesi siteshi, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo.
UMdonso ufake incwadi yokwesula emsebenzini ngoLwesithathu olwedlule, ekhala ngengcindezi okuthiwa ubeyifakwa ngabantu angabadalulanga. Uthe selokhu aqala ukwethula uSigiya Ngengoma noZimiphi “Zimdollar” Biyela ubelokhu esatshiswa futhi ebuzwa nokuthi waqashwa kanjani.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe uMdonso useyingxenye yabasakazi boKhozi FM ngoba izikhulu zoKhozi ziyichithile incwadi yakhe yokwesula. “Zithe zisafuna ukuphenya izizathu ezimenze wathatha lesi sinqumo,” kusho uMomudu.
UMdonso wenqabile ukuphawula wathi usekhulunyelwa nguMu Ngcolosi oke wasebenzela uKhozi.
UNgcolosi uthe okwamanje uMdonso unxuswe ukuba aphumule kuze kufika lapho iSABC iphothula khona uphenyo lwayo ngalolu daba.
“Ukwesula kusuke kuyisiphakamiso osuke usenza kubaphathi bakho, kusuke kukumqashi wakho ukuthi uyasemukela leso siphakamiso sakho noma qha. Uma engasemukeli usuke esafuna ukuphenya kahle izizathu zokwesula kwakho. Nakulolu daba sithe uMdonso akathi ukuphumula size sizwe ngeSABC ukuthi sekulungile yini,” kuchaza uNgcolosi. NgoMgqibelo uMdonso ubengekho ohlelweni, uZimdollar ubesakaza yedwa.
Omunye umthombo ongaphakathi kuKhozi FM uveze ukuthi abaphathi sebeluqalile uphenyo ngaphakathi.
“Njengamanye bakhuluma naye uMdonso ukuze achaze kabanzi ukuthi ngobani ebebemfaka ingcindezi. Kuyacaca ukuthi abaphathi bazoqhubeka nophenyo lwabo nakubasakazi nesikhulu salo msakazo esithintekayo.”
UMdonso wakuveza ukuthi ubesekhathele ukusatshiswa ngabantu abathize bemphoqa ukuthi esule kulo msakazo futhi sekunemoto engaqondakali ebisilokhu imlandela nanoma yikuphi lapho eya khona. Kunomthombo ongaphakathi kuKhozi othe kusolwa nabasakazi abathize futhi ababambisene nesinye isikhulu ekufakeleni uMdonso ingcindezi yokuthi ahoshe imfe kuSigiya Ngengoma.