BEKUKUHLE kudelile eJoburg Theatre ngoMgqibelo ebusuku kuhlangene imbokodo emcimbini weBasadi in Music Awards.
Bekulindeleke ukuthi umcimbi uphathwe yintokazi engumlingisi nomethuli wezinhlelo uKhanyi Mbau, kodwa kwenziwa izinguquko ngoMgqibelo emini.
Abahleli balo mcimbi baveze ukuthi umsakazi nomculi u-Unathi Nkayi nguyena osezophatha umcimbi ngemuva kwesimo esivelile yize singachazwanga.
URobyn Nakaambo oyinxusa leSof n’ Free eNamibia noPamela Mtanga owaziwa kakhulu njengesishoshovu esilwela ukuthuthukiswa kwabesifazane bakhethwe njengabaphathi bohlelo lokwamukela izicukuthwane kukhaphethi obomvu.
UHloni Modise uthe uthokoze kakhulu ngokukhethwa kwalezi zintokazi ngoba ayaziwa amagalelo azo kwezokungcebeleka futhi zinamakhono amahle kakhulu.
Kwimbokodo ehlabane ngezindondo kulo mcimbi, kubalwa noKelly Khumalo okhale wemuka neye-Afro Pop Artist of the Year.
Omunye umculi obe nobusuku obuhle uLwa Ndlunkulu odle umhlanganiso kowe-Artist of the Year neSong of the Year ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi, Ithuba.
Kubuye kwahlonishwa izinkakha ezintathu zomculo uLetta Mbulu, PJ Powers, no-Angelique Kidjo ngeLife time Achievement Award ngamagalelo abo kwezomculo.