INZIMA impilo yentokazi eyawina izigidi ezimbili emncintiswaneni weBig Brother esongelwa ngabantu angabazi.
UMphowabadimo unikele ezinkundleni zokuxhumana waveza usizi lwakhe kusukela ahlukana nesoka lakhe, uThemba.
Uqhekeko phakathi kwalezi zithandani luhlale obala ohlelweni lwempilo kaThemba olubizwa ngeThemba: My Inked World. Kwashaqeka abaningi bebona ukungabambisani kwalezi zithandani nobunzima uMpho abebhekene nabo njengoba ekhulelwe, uThemba engabonwa nangokhalo futhi engameseki ngalutho.
Lokhu kwenza abantu abaningi bacabanga ukuthi uThemba wayenga uMpho ngoba efuna ukudla izigidi zakhe aziwina ohlelweni ababekulo bobabili.
NgoLwesithathu kuthuke abaningi uMpho ekhipha isitatimende esithi sekukuningi okuvelile ngobudlelwane abekubo futhi sekuphazamisa impilo yakhe ngazo zonke izindlela njengoba esongelwa futhi ethola izingcingo ezivela kubantu angabazi bemthuka.
Le ntokazi ithi izoxhumana nabameli bayo ukuthola ukwelulekwa ngokufanele ikwenze kodwa akazukuba nezingxoxo nabezindaba.
Ngemuva kokuphuma kwalesi sitatimende kunamekwe umlayezo lapho uMpho ekhala ngokuhlukunyezwa ngabantu angabazi.
“Ngilokhu ngivimba izinombolo engingazazi usuku nosuku, kuyacaca ukuthi kukhona ophisana ngezinombolo zami ngenhloso,” kusho uMpho eveza omunye umlayezo omsongelayo oqhamuka emuntwini athi akamazi.
Umlayezo othunyelwe kule ntokazi uthi: “Noma ungazivala izinombolo kodwa sizokuthola. Sifisa sengathi leyo ngane oyikhulelwe ingafa ngoba uthele inkosi yethu ngehlazo elingafanele futhi asiyifuni leyo ngane emndenini wakithi,” kusho umlayezo othunyelwe kuMphowabadimo.