Abasolwa abathathu badutshulwe bashona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eBhambayi, eNanda ngoMgqibelo ntambama.
Amaphoyisa abematasatasa elandela umkhondo wabasolwa abebefunelwa amacala amaningi okubulala eNanda naseMlazi.
Amaphoyisa akwazile ukuvalela abasolwa abahlanu ekhoneni ebafica endlini eseBhambayi okuyilapho okuqale khona uthuthuva lokudubulana.
“Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwase kulimala kabi abasolwa abathathu kwatholakala nezibhamu ezintathu. Abasolwa ababili basinde ngokulambisa bakwazi ukubaleka,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Abasolwa kukholakala ukuthi bayathinteka ezigamekweni zakamuva zokubulawa kwabantu abane, okuhlanganisa oConstable ababili ababengekho emsebenzini kanye nelokuzama ukubulala abanye abantu abane endaweni yokucima ukoma eSundumbili ngoLwesibili.