Sekusezandleni zabalandeli ukunqoba kwezilomo zabaculi okunguGatsheni noTyla ababanga indondo yeBest Newcomer kumaCultural and Creative Industry Awards (Ccia) azoba seSandton Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo.
Le miklomelo, eyenziwa wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, kuzobe kungokokuqala ikhona.
UTyla, ohlabane ngendondo yeBest African Music Performance kumaGrammy Awards nonyaka uqhathwe noGatsheni oshisa izikhotha ngengoma ethi Hit After Hit. Kukhona nozime uLebo Malope waseLimpopo.
Omunye umunxa ovotelwa ngabalandeli ngoweBest Online Content Creator.
Kuqhathwe iPodcast and Chill with MacG, Lasizwe, Wian, Boity Thulo, Siyabunny, Chad Jones noZimasa Vabaza.
UNgqongoshe woMnyango uZizi Kodwa, uthe uyajabula ngokuthi abantu bazokwazi ukubamba iqhaza emiklomelweni.
“Ngigqugquzela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavote ukuze bazwakale kule ngqophamlando yemiklomelo ehlanganisa bonke abantu,” kusho uKodwa.
Ukuvota kwenziwa kwi-website ethi www.cciawaards.co.za futhi kuvalwa ngo-12 ebusuku ngoLwesihlanu.
Abanye abaqokwe kule miklomelo kubalwa uLaduma Ngcokolo (Maxhosa), Rich Mnisi noMzukisi Mbane abaqokwe emunxeni we-Outstanding Fashion & Textile Designer Award nabanye.