UTHEMBISA into yamehlo endaweni ayilingisayo kaKhulekani emdlalweni Umkhokha, uMsizi Njapha (36), nathi ukuyithola kwenze kwavuleka amanye amathuba ayekade ewalindile.
UMsizi waseMbumbulu, eThekwini, uthe ungene ekulingiseni ngenxa yomculo nokuyinto ayithandayo namanje.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi ukubonakala kulo mdlalo kwenze izinto zaba lula ngoba lapho eya khona abantu basuke sebemazi.
“Ukulingisa kwakungeyona into esemqondweni wami. Ngesikhathi ngiphuma esikoleni ngaya enyuvesi lapho engenza khona izifundo ezingahlangani nomculo noma nokulingisa. Kodwa ngaphinde ngafuna ukukhulisa ikhono lami lomculo ngase ngiqala ukuqeqeshwa ePitoli eTUT musical Theatre. Ngo 2014 ngaqala ngakhipha ingoma yokuqala eyayithi Believe ngase ngilandela nge-albhamu ethi Break Out, engenzanga kahle nokwathi ngemuva kwalokho ngaqala ngangena emkhakheni wokulingisa,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ukulingisa wakuqala ngemidlalo yasesiteji okubalwa kuyo iLion King, Tsoti the Musical neminye, nalapho ahambela khona amazwe ahlukene.
“KuMkhokha ngaziswa umsunguli walo mdlalo uDuma Ndlovu, owangitshela ukuthi ake ngenze inhlolokhono yomlingisi uKhulekani ngempela yangifanela bangithatha. Ukungena kulo mdlalo kwenzeka ngesikhathi ngikudinga ngempela ukungena ekulingiseni ngoba kwakusanda kumiswa uhambo lwethu oluya eManchester ngenxa yeCovid-19. Ngisajabule ngendlela eyisimanga ngokuba kwisizini yokuqala kuze kube manje futhi engingakusho ngalo mdlalo ukuthi kuningi okuzayo njengoba abantu bebona kulezi zinsuku ukuthi kwenzekani empilweni kaKhulekani,” kuchaza yena.
Uthe manje isifiso sakhe ukubuyela emculweni futhi agqame nakhona anandise emicimbini ehlukene yakuleli.
Uveze ukuthi emculweni abaculi abafana noMondli Ngcobo noMqobi Yazo bakubaculi afuna ukusebenza nabo njengoba benza umculo ocishe ufane nowakhe.