UMSAKAZI weGagasi FM ophinde abe nguDJ uLe Soul uthi umculo wakhe omusha uwunikwe yidlozi asanda kulivuma.
UDJ Le Soul ongena ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto ohlelweni iNoma Yini noHeazy, ukhiphe ingoma ethi Sebenza ngoLwesihlanu.
"Ang'nawo amandla mina okuma ngokwami. Sebenza Thongo lami," kusho izinhlamvu zengoma.
Utshele leli phephandaba ukuthi useqale uhambo lwedlozi.
"Okwamanje ngeke ngikwazi ukwanda kakhulu kodwa engingakusho ukuthi ngamukele idlozi. Angikakaqedi kodwa ngeke ngifihle abantu bazobona. ISebenza wumkhuleko wasekuseni ngoba uma uphinda into eyodwa usuke udlala. Idlozi lami liyangisebenzela njengoba ngale komculo ngisanda kuqokwa njengenxusa lamahhotela akwaProtea ezweni lonke," kusho uDJ Le Soul.
Uthe iSebenza isezingomeni ezizotholakala kwi-Extended Play (EP) yakhe iHigher Frequencies ezoba nezingoma eziyisishiyagalombili azoyikhipha ngoSepthemba 24.
Kuzona upike uKhaya Mthethwa, Nduduzo Makhathini, Omagugu, Doxx, Nkosazane Daughter, K Funky, Joseph Dube, Infected Soul, Deep Naratives, Blaq Rhythm noTNS.
"Ngisanda kuthola ukuthi bangihleli abantu abadala futhi lokho yinto engifuna ukuyamukela kahle kunokuthi ingithuse. Abantu abaqondi ukuthi uma kuthiwa unobizo kusho ukuthini. Uma bezwa ukuthi umuntu uyinyanga bavele bathi uyathakatha. Uma ulalela i-EP kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni uzozwa ukuthi ixoxa indaba. Ngiyanxusa kumuntu omncane ukuthi kumele azithole kuqala ukuthi ungubani ngoba yonke into iqala emuva. Awukwazi ukwakha isisekelo singekho," kusho uLe Soul.
Uthe iyelapha ezintweni eziningi esezenzekile ezweni futhi ibabuyisela lapho beqhamuka khona.
"Abantu abadala bayasiphaphamisa ngezivivinyo ezifana neCovid-19 kodwa manje abantu bayazithola ukuthi bangobani. Kuningi okwenzekayo abantu badukile balahlekile kodwa yonke into ibuyela lapho yaqala khonai. Ngifuna umuntu adlinze uma elalele ngoba akusiwo umculo kaDisemba kodwa nangoJuni kuzobe kusewumculo ongawulalela," kusho uLe Soul.