KUZOBE kushikisha ufudu kwiMzansi Brewed Street Art Festival eShortleft Restaurant and Carwash eMadadeni, eNewcastle, ngalo Mgqibelo, kusukela ngo-2 ntambama.
Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kushiyelana inkundla amaciko ahlonishwa emikhakheni ehlukahlukene, okubalwa kubo osomahlaya okungamaWele AseChesterville, Ndlebe The Captain, Master, Mr Wow noGap noMasalad bodumo kuKhozi FM, osonkondlo uJomba Msibi noMinenhle Mthembu, abaculi uSir Max Benjamin noHloniphani Art nabashayi bogubhu, iSkankalites Band neNewtone Band.
Omunye wabahleli balo mcimbi, uZama KaMafikeni Msibi weLihlikhono Community Development, uthe iNewcastle inamaciko amaningi angalitholi ithuba lokuveza imisebenzi yawo bukhoma, ikakhulukazi ngoba endaweni yaseNewcastle zingekho izindawo ezinezinkundla ezakhelwe lolu hlobo lobuciko.
“Yingakho sihlele lo mcimbi omkhulu kangaka. Uhlelelwe ukuqhakazisa nokubungaza amakhono amaciko ngokwehlukana kwawo futhi uzobe wenzeka okokuqala. Isifiso sami wukuthi kungenelele nezinhlaka zikahulumeni nosomabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi lo mcimbi wenzeka minyaka yonke.”
U-Olified Khetha ongumculi osemcane kodwa osezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kwiTikTok, uthi ujabule ngendlela eyisimanga njengoba kuzobe kungokokuqala enandisa eNewcastle.
Ubuye wathembisa abantu ukuthi uzobe elinyusile igiya njengoba esezwile ukuthi kunabantu abaningi abathanda umculo wakhe kule ndawo.
Esephetha, uZama uthe kuzobe kukhona nosomabhizinisi basemphakathini bezohweba njengoba nabo bephiwe ithuba lokusondelana nabathengi. Amathikithi okuthamela umcimbi asatholakala kumaComputicket ngo-R100 kanti esangweni azobe ebiza u-R150.