Amasiko nempilo yesimanjemanje ewubukhazikhazi kuyahambelana, akukho lapho kuxabana khona. Lokhu kushiwo yinkinsela yaseThekwini uShauwn Mkhize engxoxweni abe nayo neSolezwe.
Lo somabhizinisi osanda kudalula ukuthi uzoba nohlelo olusha lwethelevishini uthi kuningi osekushintshile empilweni yakhe, okukhulu kwakho okwaba ngukushintsha isibonge somshado wabuyela kwesakubo ngemuva kokwehlukanisa nomyeni wakhe, uSbu Mpisane.
Uhlelo lwakhe olusha oluthi MaMkhize: A Thanksgiving Special, kulindeleke ukuthi luqale maduze kwiBET(129). Kulo uthi abantubazoqhubeka nokubonaimpilo ephezulu ayiphilayo,babone nokuthi uyawahlonipha futhi uyawalandela amasiko.
Uthe lolu uhlelo olukhethekile luqoshwe ngesikhathi enze umcimbi wokubonga impumelelo yakhe ngo-Ephreli 9. Uveze ukuthi akangabazi ukuthi ababukeli bazoluthakasela ngoba bazobona ezinye izinto zesintu eziyingxenye yempilo yakhe.
“Ngempumelelo ngibuyele esibongweni sami sakwaMkhize. Impilo yashintsha kusukela entshisekelweni ebenginayo yokubuyelwa wubumina, ngizazi futhi ukuthi ngiwubani. Manje sengizimele futhi konke okwenzeka empilweni yami ngikwenza ngendlela yami. Ngakho ngohlelo ngixoxa udaba lwami ngiluxoxa ngendlela yami.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuba ngowesifazane ongumZulu. Ngithathe leli thuba ngabonga uNkulunkulu namadlozi akithi ngokwenza umcimbi ozobukwa yiwona wonke umuntu kwiBET Africa,” kusho uShauwn.
Uthe lolu hlelo luhluke kakhulu kunalolu olwabonakala kuMzansi Magic.
“Lolu luneziqephu ezimbili nje kuphela. Kuzogqama nesiko lakithi KwaZulu ukuthi ngiligcina kanjani futhi nempilo ephezulu ngiyiphila kanjani.
“Abantu bazobona ukuthi amasiko nempilo yesimanje kuyahlangana. Uthe konke okwenzeke empilweni yakhe kwaba yizinselelo, usedlulile kukhona.Uveze ukuthi usebheke phambili ukuthi ikusasa limphatheleni.
“Angikaze ngikhululeke kanje nanini empilweni yami, abantu ngithi abeze bazobona ukuthi ngiphila kanjani emhlabeni wami nokuyilapho izinqumo zakhona zithathwa yimina, bangalinge baphuthwe yilolu hlelo,” kuphetha uMaMkhize.