INTOKAZI yaseMlaza, uNoluthando Mbhele (26), ithi bese kuyiminyaka izama ukungena emkhakheni wokulingisa kodwa kungalungi.
Muva nje uNoluthando ulingisa indawo yomhlengikazi, uSlindile, emdlalweni Uzalo, aqale ukubonakala kuyo ngoMashi 3.
Indawo uyakhe isondelene noNompilo Maphumulo (Nosipho) noMenzi Biyela (Pastor Gwala), asiza indodana yabo uMuzi ingaphilile ingena iphuma esibhedlela.
Ekhuluma neSolezwe uNoluthando, uthe useke wabonakala ezindaweni ezincane emidlalweni okukhona kuyo iGenerations, Scandal neSkeem Saam.
“Kungijabulisile kakhulu ukuthola le ndawo. Ngihlale ngithi thina bantu abanemizimba eyondlekile akulula ukuthola izindawo esizozilingisa, kodwa kule minyaka emine ngaqeda esikoleni kube yinjabulo kimi ukuthola izikhala ezincane, njengoba sengiqalile ngithola izindawo ezidonsa isikhashana.
Ngifisa sengathi kungaqhubeka kakhulu ngibe nethuba nakweminye imidlalo eqoshwa la esifundazweni nakwezinye izifundazwe,” kusho uNoluthando.
Uthe indawo ayilingisayo imfundise lukhulu ngalo mkhakha yize eneziqu njengoba ngisho ozakwabo kukhona la bemcathulise khona.
“Abantu ebengisebenza nabo eduzane abanekhono kulo mkhakha, bangifundise lukhulu yize ngahlala nami ngafunda ngawo eCreative Art. Kodwa uma usuwenza phambi kwamakhamera kuningi okubonayo obungakwazi nokuwusizo kulo mkhakha.
Ngiyabona nakubasunguli balo mdlalo ngokunginika leli thuba. Ukulingisa ngibonile ukuthi yinto engidalelwe yona futhi kusuka manje ngizosebenza kanzima ukuthi ngibe kweminye imidlalo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi okunye ngale ndawo, wukuthi izokwenza abantu bakhulume ekugcineni kwayo njengoba ezokwenza iphutha elikhulu elizoshintsha impilo yabantu abaningi kulo mdlalo.