UKHALE ngaphansi u-Owen Ndlovu emizameni yakhe yokumisa ingoma yonyaka yoKhozi FM emuva kuthi iNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng isichithile isicelo sakhe.
U-Owen ubefuna ukuphinda akwenza ngonyaka odlule lapho amisa khona ukumenyezelwa kwngoma ngoDisemba 31 kwaphoxeka abaningi.
Ekhuluma naleli phephandaba ngoDisemba 31 emini uthe uhlulekile.
"Ijaji lisichithile kulokhu alifunanga nokulilalela udaba lwethu. Lithe ngenxa yokuthi saluhoxisa udaba enkantolo kulo nyaka kusho ukuthi udaba aluphuthumi. ISABC yadlala ngathi yathi asikhiphe udaba enkantolo sikhulume kodwa base beyasijikela," kusho u-Owen.
Uthe uyajabula ngokuthi abaculi bazokwazi ukuzwa ukuthi izingoma zabo zivotelwe kanjani kodwa udaba aluphelile ngoba usazoqhubeka nalo enkantolo.
"Sizobuyela enkantolo ngoFebhuwari."
ISABC isamukele isinqumo senkantolo yathi siqeda ukudideka obekungenzeka ukuba kudalwe yisicelo sika-Owen enkantolo. Ithe isinqumo sigcizelela ukuthi abakushoyo ukuthi banelungelo lokwenza umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka asebewenze iminyaka.
U-Owen ukhala ngokuthi ubulungelo bokwenza umncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka evotelwayo emsakazweni kungumqondo wakhe.
Namhlanje phakathi namabili kulindeleke ukuthi kumenyezelwe ingoma evotelwe kakhulu.
Izingoma ezibangayo ngekaKelly Khumalo (Empini), Azana (Yout Love), DJ Hlo (Festive), Big Zulu ft Riky Rick & Intaba YaseDubai (Mali Eningi), Mapara A Jazz ft Ntosh Gazi & Coland (John Vuli Gate), Indlabeyiphika (Amageja), Soa Mattrix ft Shaun 101 & Soulful G (Uthando), Khuzani ft Luve Dubazane (Ijele), Nomcebo Zikode ft Master KG (Xola Moya Wami) neMFT Souls ft Major League DJZ, Kamo Mphela & Bontle Smith (Amanikiniki).