UKUBONA kungenziwa ubulungiswa kubantu kuleli uma kuza kwezomthetho futhi bengabutholi ubulungiswa baze balahlekelwe izinto eziyigugu kubo, yikhona okwenze umculi ocula owokholo u-Ayanda Ntanzi enze iziqu zobumeli.
U-Ayanda uthe yize engakaqali ukusebenza kulo mkhakha njengoba kukhona izivivinyo asazibhala, kodwa ezinye useziqedile futhi sekusele kancane abonakale emele abantu abahlukene ezinkantolo zakuleli.
Uthe iziqu zeLLB uzenze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni lwaseMgungundlovu.
Lo mculi ozakhele igama ngezingoma ezehlukene, okunye athe ukubheke ngabomvu ukumela amaciko anezinkinga ezehlukene emkhakheni akuwo.
Uthe uthando lobumeli waba nalo kudala, wabona ukuthi yize emculweni enza kahle kodwa kumele azenze nalezi ziqu.
“Ukuba nabantu engisebenza nabo, kungenze ngakwazi ukuncelisa amawele ngakwenza kokubili kodwa bekungelula njengoba zombili lezi zinto zidinga isikhathi. Mina ngabuka ukuthi umkhakha wokuba ummeli awunaso isikhathi obekelwe sona ukuthi uthathe ngaso umhlalaphansi ungasebenza uze ube ikhehla,okwenza ngakuthanda lokho ngalo mkhakha."
Uthe okunye ngukuthi udinga ukuhlonishwa ngomsebenzi azowenzela umphakathi.
"Ngikhulele emakhaya kodwa ngokuza kwami ngizohlala eCato Manor, ngabona ukuthi kunamalungelo abantu ahlukunyezwayo kubalwa nakoMasipala, bangabutholi ubulungiswa. Ubummeli ngibenzele abantu futhi ngifuna bangihloniphe ngezinto engizobenzela zona,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngisho emkhakheni akuwo abanye ozakwabo baze bahlaselwe ingcindezi, bashone ngenxa yezinkinga abanazo ahlele ukuthi nabo abasize.
U-Ayanda ukhuluma kanjena nje ngoJulayi 12, uzoba nedili lomculo i-Ayanda Ntanzi one Man show ezoba seMoses Mabhida.
Ngonyaka odlule wenza into yamehlo e-ICC, lapho ama esiteji amahora amane ejabulisa abalandeli bakhe ngezingoma ezehlukene.
Uthe emcimbini walo nyaka uzophinda okufanayo kanti ukholelwa ngukuthi uzoba ngumculi wokuqala kowokholo eMzansi ukugcwalisa le nkundla.
“Ngikubheke ngabomvu ukuthi ngihlangane nabalandeli abaphuma ezindaweni ezehlukene njengoba ngifuna ukuzojabula nabo ngalolu suku. Umcimbi lona engiwenza ngenhloso yokuhlangana nabo, sijabulele izingoma zami ezindala nezintsha njengoba ngiyobe ngiqopha i-albhamu yami yesihlanu. Kodwa ngibheke phambili ukuthi babone nezinye izinto, ngiyawuthanda umcimbi oseqophelweni eliphezulu, isiteji sami nje sisodwa siyobe sixoxa indaba,” kuchaza yena.
Uthe amathikithi ayatholakala eWebticket kusuka ku-R250, R350 no-R1000.