ABALALELI bomsakazo Ukhozi FM abebekhala ngokungezwakali kakhulu emoyeni kukaMafresh ongomunye wabasakazi sekuzwakele ukukhala kwabo njengoba esenikwe izinhlelo ezimbili asezozisakaza.
Lokhu kulandela izindaba zokuthi lo msakazi usezozwakala ezinhlelweni ezimbili, njengoba enikwe olwangoMgqibelo ebusuku ngo21.00 kuya ku00.00, oluthi iParty Yomhlaba obelusakazwa uMzokoloko.
UMzokoloko ushiye phansi emsakazweni Ukhozi FM ngemuva kokuthola amadlelo aluhlaza emsakazweni iVuma FM.
Kulo msakazo uMzokoloko usakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku, naqale kulona izolo.
Umthombo ongashayi eceleni uveze ukuthi abaphathi bathathe isinqumo sokunika uMafresh lolu hlelo ngenxa yazo izikhalo zabalaleli.
“UMafresh ubesakaza uhlelo oluthi Akulalwa obelungena ngo00.00 kuya ku3.00 entathakusa kuphela kulo msakazo. Izikhalo bezifika ngisho kubona abaphathi ngoMafresh, ezinye bazisho emsakazweni bethi bayamfuna lo msakazi njengoba bengajabule ngalolu hlelo olulodwa alusakazayo. Kodwa manje kuyacaca ukuthi bazokujabulela ukuzwa izindaba zokunikwa lolu hlelo kukaMafresh,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi lena indaba eyaziwayo ngaphakathi esiteshini njengoba sekumenyezelwe nakwabanye abasakazi nezikhulu zomsakazo.
Omunye umthombo weSolezwe uthintwa ngalolu daba nawo ukuqinisekisile ukuthi uMafresh ngeke esasakaza uhlelo olulodwa kuphela kodwa sezizoba zimbili.
Isolezwe lixhumene noMafresh, kodwa wacela ukuthi kuthintwe iSABC noma abaphathi balo msakazo ngalolu daba.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela abakwa-SABC bengatholakalanga ukuphawula.
Ngeledlule Isolezwe libike ukuthi uMzokoloko ufake incwadi yokwesula kulo msakazo.
Kube sekuvela ukuthi ushelwe umsakazi iVuma nalapho esakaza khona uhlelo oluthi Vuma Breakfast ngokubambisana noGabriel Sithole.