ENYE yezintokazi ezine kwabayisithupha abadle umhlanganiso emncintiswaneni wokuthungatha izinsizwa nezintokazi ezizokhangisela i-Oceans Mall, uLuyanda Zuma, ithe uzosebenzisa leli thuba ukuchuma emkhakheni ewufundele wokulingisa.
ULuyanda (21) waseMgungundlovu, osanda kuthweswa iziqu zomkhakha wokulingisa e-AFDA, uthe ujabule kakhulu ngaleli thuba lokukhangisa nokumaketha le nxanxathela yezitolo evulwe ngoNovemva nyakenye eMhlanga.
“Leli yithuba elikhulu nengilihlonipha kakhulu, engikholwa wukuthi lizongibeka ethubeni elihle lokuchuma emkhakheni wokulingisa engiwufundele, nengisafisa ukuzuza lukhulu kuwona, ngoba uzokwenza ngaziwe ngokushesha futhi kalula ebantwini,” kuchaza uLuyanda oseke walingisa emdlalweni wakwiMzansi Magic, uZulu noMhlaba.
Le ntokazi abanye abayazela emncintiswaneni kaMiss SA 2022, lapho eyaphuma khona kwabawu-10 bokugcina, iqhube yathi, ukungenela lowo mncintiswano owagcina unqotshwe wuNdavi Nokeri nyakenye, kuyisize kakhulu kwayivulela amanye amathuba ahlobene nokumodela.
“Nakho ukuthi ngigcine ngiba ngiyinxusa le-Oceans Mall ngibona kudalwe wukuthi miningi eminye imisebenzi esengiyenzile nemincintiswano engiyingenele phambilini, okusize ngokuthi ngizethembe ngokuqhubekela phambili njengoba sengilana namuhla, futhi ngibona kukuningi kakhulu engisazokwenza uma ngiqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi engiwenzayo,” kuphetha uLuyanda
Abanye abadle umhlanganiso wokuba yinxusa le-Oceans Mall abamenyezelwe ngoMgqibelo, wu-Azande Hadebe, Londiwe Hadebe, Skhanyiso Khumalo, Joshua Jacobs, Courts de Bruin - bonke banikwe inkontileka yonyaka umuntu ngamunye.