UMSAKAZI wohlelo lokholo phakathi nezinsuku kuKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, uqwaqwade emakhanda izingwazi zamazwe ngamazwe kumaTexas Gospel Music Excellence Awards (TGMEA) abeseHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA ngempelasonto.
UPhindi P, osakaza uhlelo olubizwa ngoLibo Lokuqala ngo-3 ekuseni, uhlabane emkhakheni we-International Female Soloist of The Year.
Emkhakheni bekukhona abaculi okubalwa kubo uJoyce Ochelle (UK), Mary Ozaraga (Philippines), Kristojay Paul (Barbados), Mama Tee (Canada), Julia Vidoriz (Brazil), Kareema Al-Shabazz (Trinidad), Fummi Orisie (UK), Evelyn Brandford (USA), Sista Richness (USA), Sis Izzy Thomas (USA) nabanye.
Eziphawulela ephesheya, uPhindi P, uqale ngokuzibongela kuNkulunkulu.
"Ngiyabonga kakhulu kuYe. Angikwazi nokulala. Ngicela ningibongise eNkosini." Eqhubeka ube esebonga abantu abaseka ikhono lakhe lokucula ngokumvotela ukuze akhale amuke nendondo.
Yize kungokokuqala uPhindi P ehlabana ngomklomelo emncintiswaneni osezingeni lomhlaba kodwa useke wawudla umhlanganiso amahlandla amabili kumaSABC Crown Gospel Awards, ngokuba wumculi nangokuba wumsakazi ovelele esekwiHighway Radio.
Ebuzwa ngokuthi kusho ukuthini kuye ukuqokwa kumaTaxas Gospel Music Excellence Awards, uPhindi wathi unethemba lokuthi ukuqokwa kwakhe emqhudelwaneni kuzomvulela iminyango phesheya kwezilwandle.
"Kungenzeka ngizibone sengiqokwa nakweminye imiqhudelwano futhi senginandisa emicimbini emikhulu yamazwe ngamazwe," kusho umsakazi odabuka eZinqoleni.
Uthe phezu kwalokho ungomunye wamaciko aqokwe kumaLadies in Media Awards, eGhana ngoMashi 31, emunxeni weWoman in Music.
"Kubukeka sengathi izinto zami ziyahleleka. Ngijabule kakhulu ngalokhu ngoba kade ngangifisa ukungena kwamanye amazwe ase-Afrika. Kubukeka sengathi kuzoba wunyaka wami lo.
Ngiwinile noma ngingawinanga kumaLadies in Media Awards, ukunandisa nje khona, kuyobe kuphenduleke umthandazo wami."
Nomculi wokholo, uBetusile Mcinga, uwine kwi-International Male Soloist of The Year kumaTGMEA. Uthe selokhu azalwa akakaze wakucabanga ukuthi umfana waseGatyane, e-Eastern Cape, uyoke abungazwe phesheya kwezilwandle.