UMCULI wowokholo, uMalusi Mbokazi, uthe mancane amathuba okuthi awugaye kwiDVD umcimbi wokuqopha bukhoma i-albhamu yakhe eThe Station, eThekwini, obungoMgqibelo.
UMalusi, owaqala ukugqama ecula eqenjini Abanqobi, uthe ukushintsha kwezikhathi kuzokwenza ukuthi ikhonsathi alifake ekhasini lakhe leYouTube.
“Ngingase ngiwufake kwi-USB bese ngidayisela yona abantu ngoba amaDVD awasadlalwa manje.
“Ngizozama nokuthi ngiyihambise eziteshini zethelevishini ukuthi ziyisakaze kodwa nje ekhasini lami leYouTube, iMalusi Mbokazi TV, yilapho abantu bezobona khona ama-video,” kusho uMalusi.
Bese kungokwesibili eqopha bukhoma i-albhamu entsha ehambisana namavideo njengoba enza eqala ukuzimela ngo-2015 ngeNgisize Nkosi Live at Durban Playhouse.
“Umuntu unento ayibona izohambisana naye. Mina ngithanda ukuqopha bukhoma. Ngaleyo ndlela sihlanganyela ndawonye sidumise kanti uma ngise-studio ngedwa ngiyashayeka.”
Ikhonsathi yangempelasonto bekumele iqale ngo-5 ntambama kodwa yaze yaqala ngo-7 natheyingoba bekunezihibe ezingaphezu kwamandla. Indawo ibigcwele phama njengoba amathikithi angu-600 edayise aphela. Bekukhona uThinah Zungu, Ayanda Ntanzi, Lungelo Hlongwane, Jumbo noPhindi P abebezomeseka.
“Ngiyabonga kubo bonke abangesekile nabangixhase ngemali ukuze umcimbi ube yimpumelelo. Ngiyabonga kumkami, uPhilile Mbokazi, noXivum Zungu.
“Ukuhlela bekusingethwe wumkami, ngiyambonga kakhulu futhi ngiyaqala ukumbonga kanje esidlangalaleni ngoba akathandi ukuvela.
“Ngiyabonga nakwibhendi yami nabebengisiza ngokucula. Kuyisifiso sami ukuthi kuphele u-Okthoba isiphumile ingoma yokuqala kwezingu-13 esizenzile,” kusho uMalusi.