UCULE sekumuncu kwiDurban Jazz Festival umculi we-jazz osinde ngokulambisa ephonseka nemoto edamini lamanzi elisemgwaqweni eChesterville.
UWandile Method Nsibande, obenandisa kwiDurban Jazz Festival, eHazelmere, uthe ulahlekelwe yimpahla yakhe yokucula kwamuka nemoto. Uthe uphoseke emanzini ngoKhisimusi ebusuku, okuwusuku afike ngalo eThekwini esondelela ukuzonandisa kwi-festival abeqashwe kuyona.
“Bengingazi ukuthi umgwaqo engihamba kuwona uba namanzi agcwala kuwona kugcine kungahambeki uma linile. Bekungo-11 ebusuku ngesikhathi ngihlangabezana nale nkinga. Phambi kwalesi siziba ebesisemgwaqweni bekukhona i-hump (isinciphisa jubane) elikhulu engigibele kulona, ngaqhamuka sengehlela kulona edamini ebengingaliboni. Ngingene khona imoto yavele yacisha yazika nami. Ngiphume kukubi ngimemeza ngifuna usizo. Kube khona abaqhamukayo bangilekelela ukuthi ngikwazi ukuphuma,” kusho uMethod.
Uthe kuleli damu kulimale izinsimbi zakhe zokucula zenani elilinganiselwa ku-R40 000. Nayo imoto uthe isahleli khona kuleli damu njengoba elinde kwehle amanzi ukuze akwazi ukuyithatha.
Mayelana nokugcwala kwamanzi kule ndawo, uthe uzwe ngabantu bakule ndawo ukuthi adalwe wukuthi kwavalwa indawo abehamba kuyona ngesikhathi kwakhiwa indawo yokupaka izimoto yasesikoleni iZP Zwide Primary e-Extension 1, eChesterville.