INTOKAZI yaseMlaza ezakhele igama emkhakheni wokupheka uZola Nene, ithi namanje kusafana nephupho ukuthi iyijaji eliwahola phambili ohlelweni lokupheka iMaster Chef, ekhuza ibuya kuS3.
UZola kulolu hlelo oluzoqala ngoJulayi 13, ngo-7.30 ebusuku, uzobe ehambisana noKatlego Mlambo noJustine Drake.
Kulona izinsizwa nezintokazi ezifuna ukugqama emkhakheni wokupheka zizobe ziqhudelana ngokudla okuhlukene ezizobe zikupheka nokuzothi ekugcineni oyedwa athweswe isicoco salo nyaka.
Lolu hlelo lubuye kuS3 ngemuva kweminyaka lukhonjiswa kwaM-Net.
Ekhuluma neSolezwe uZola, uthe uyafisa ukukhuthaza wonke umuntu wesifazane ozibona ekwithelevishini ngelinye ilanga nganoma iliphi ikhono analo ukuthi aqhubeke.
“Mina ukupheka ngangithi yinto engizozenzela yona ngoba ngiyithanda. Kodwa konke lokho kwashintsha uma sengithintwa abantu abahlukene, ngazibona sengihamba amazwe aphesheya kwezilwandle, manje sengila ngikhona ngakho ukupheka. Ukufezeka kwamaphupho into enjena futhi ngiyathemba baningi abazobukela kimi. Nabangenele uhlelo nabo njengoba sesiqalile ukushutha kuningi engibabonisa khona futhi angingabazi abantu abazolubukela bazohlala ngesinqa esisodwa njengoba nami nozakwethu besishiye sibambe ongezansi abanye,” kuchaza yena.
Uthe akujabulelayo ngale sizini entsha ukuthi kuzobonakala abantu abasebancane nokucacayo ukuthi kade balifisa ithuba elifana naleli.
Okunye athe ukujabulele ukuthi seluzobukwa abantu abaningi njengoba kungewona wonke umuntu okwazi ukubuka iziteshi ezikhokhelwayo.
AbakwaPrimedia nokuyibona abaqopha lolu hlelo, baveze ukuthi bangu-20 abazoqhudelana ohlelweni, abazomenyezelwa maduze.
Emasontweni adlule abezindaba bamenywa ukuvakashela lapho kuqoshwa khona lolu hlelo eKapa, bafundiswa okuningi ngendlela oluqoshwa ngayo nokudla okusetshenziswa kulo.