UMLINGISI waKwaMashu ozakhele igama emdlalweni uShaka-Ilembe, uNtando Zondi, ngomunye wabalingisi abasha abazobonakala kuleli sonto njengoba kuqala isizini entsha yomdlalo uSibongile & the Dlamini’s.
UNtando uzobe elingisa indawo kaThemba oyindodakazi kaNomfundo (Xolile Zondi) noNjengaye (Siyabonga Shibe) engaziwa emndenini wakhe.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uveze ukuthi ekugcineni imfihlo yalaba bobabili izohlala obala njengoba indodana yabo ifuna ukuba yingxenye yomndeni wakwaDlamini.
“Ngesikhathi uThemba ekhula waba nokusondelana okukhulu nomama wakhe, kodwa akade ekulangazelela ukuba nobudlelwano obuqinile nobaba wakhe. Yikhona okuzothatha indawo yalo mlingisi iye phambili kulo mdlalo,” kusho u-Irvin.
Uthe omunye umlingisi ozoba yingxenye yomdlalo u-Azande Mkhungo ozobe elingisa indawo kaZamantungwa.
“UZama uhlala noSibongile, wenza iziqu emkhakheni wobunjiniyela futhi uzalelwe elokishini, uphakeme kodwa unezinkinga zemali. Kodwa noma kunjalo ukuthanda ukubukwa nothando analo ngokubonakala egqoke kahle yilona olumdonsela amehlo kubantu asondelene nabo. Esingakutshela ababukeli balo mdlalo ukuthi laba balingisi bobabili sebekulindele ngabomvu ukuthi kubonakale izindawo zabo abathembisa lukhulu kuzo,” kuchaza u-Irvin.
Uthe ababukeli balo mdlalo kuMzansi Wethu (163) bangaphuthelwa ukubona laba balingisi uma befika kulo mdlalo maduzane.
Uveze ukuthi uNtando uzoqala ukubonakala ngoJulayi 31.
Kuleli sonto, kulo mdlalo uLuyanda Zwane olingisa indawo kaSibongile, uzobonakala okokugcina, indawo yakhe izobe isithathwa uNsikelelo Mthiyane.