ZINKANI zababili ngo-Okthoba 5 kubaculi bakamaskandi abanamanoni ashisa izikhotha kulezi zinsuku, uSifanele "Mzukulu" Zulu waKwaCeza nozakwabo, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu wasoPhongolo.
UGatsheni ushiya izihlwele zisahalela impinda ngengoma ethi Hit After Hit kanti uMzukulu ushiya izithameli zigezeke ubebebe ngengoma esihloko sithi Ijuba.
Lezi zinsizwa aziqhathwe muntu kodwa zizobe zibanga ukugcwalisa izinkundla emicimbini yazo ngasemakubo ngosuku olufanayo.
IGatsheni Music Festival izoba sezinkundleni zemidlalo zaseNcotshane, Ophongolo bese kuthi iMzukulu Home Coming Festival ibe soLundi Stadium.
Ezinkundleni zokuxhumana uqubukile umsindo, abantu bezibuza beziphendula ukuthi kungani imicimbi yabo iqondanile. Abanye baze baphakamisa ukuba bahlanganiswe ukuze bakhumelane umlotha uma kunokungaboni ngaso linye.
Okunye obekushayisa amakhala ukuthi bobabili babekhangisa imicimbi yabo ngoKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele.
Ebuzwa uGatsheni ngalo mqhudelwano wabo noMzukulu, uphike walala ngomhlane ukuthi kunokugejana okukhona.
Uthe yena umcimbi wakhe uvamise ukuwenza ekuqaleni kuka-Okthoba njengoba esewenza okwesibili.
UMzukulu uthe yena uqale ukukhangisa owakhe umcimbi ngoMashi 8 kodwa wangabaxina kakhulu abantu ngawo ngoba ubebonisana nabaxhasi bawo.
"Kusho ukuthi uGatsheni wayengayiboni i-poster."
Uthe bayazwana kakhulu noGatsheni kangangoba ubesehlele ukumqasha emcimbini wakhe kanjalo noGatsheni ubehlela ukumqasha kwiHome Coming kodwa bagcina beyekile.
NoGatsheni uthe abanakho ukungaboni ngasolinye. "Ngize ngamqasha ukuba azonandisa emcimbini ngoba bengingazi ukuthi naye unomcimbi ngalolu suku. Ngigcine ngimyekile ngoba akakwazi ukushiya umcimbi wakhe, aye kowami."
Uthe kufanele benoGatsheni bahlale phansi bayilungise le ndaba ukuze ngonyaka ozayo kungabikhona ubuhixihixi obufana nobenzeke kulo nyaka.
"Kuyadingeka ngoba sisebenzisa abaculi ababodwa futhi sidinga abantu abafanayo."
UGatsheni uthe khona akukuhle ngoba bakhelene noMzukulu ngoba akapheli amahora amabili uma usuka oLundi ulibangise oPhongolo.
UGatsheni okwamanje ugabe ngoKhuzani, Jumbo, Igcokama Elisha noDumakahle kanti uMzukulu usabophele Igcokama Elisha, uKhuzani noLwah Ndlunkulu.
Amathikithi kaGatsheni atholakala eShoprite, U Save, OK, Computicket, Spar nasePostnet ngoR100 nangoR500 kanti akaMzukulu aseShoprite naseComputicket.