UZOLWELA konke okungokwakhe umculi wakuleli, osanda kudalula izinkinga anazo kwezezimali kangangoba usengcupheni yokudlelwa umuzi wakhe.
UBulelwa Mkutukana, odume ngelikaZahara, emculweni uzijube wacela usizo emphakathini naseqenjini lebhola iKazier Chiefs, ukuthi bamsize akwazi ukuhlenga umuzi wakhe.
Ekhuluma nephephandaba uthe kukhona ummeli asemtholile ozimisele ngokumsiza mahhala okwamanje (pro-bono).
“Ngicabanga ukuthi lukhona usizo engizoluthola njengoba senginommeli ozongsiza ukuthi ngithole ama-royalties ami enkampanini engangisayine kuyona phambilini, iTS Records,’’ kusho uZahara.
Akafunanga ukudalula igama lommeli wakhe, wathi wesaba ukuthi angase ahlukumezeke uma esaziwa.
Muva nje, uZahara usanda kuba sematheni ngemva kokusabalala kwevidiyo lapho egxeka abaphathi bakhe bakudala, uDJ Sbu noTK Ncinza, ngesimo sakhe sesezimali.
Kule vidiyo ayifake kwiTwitter kamuva abanye abalandeli bakhe bazwakalise ukunengeka ngesenzo salo mculi, sokulokhu ecela engabe wenza okuthile ngesimo sakhe. Baningi abamyale ngokuthi aqhubeke nokwenza umculo, akhohlwe yintukuthelo anayo ngoDJ Sbu.
U-AneleBooi10 uthe: “Le ndaba kaZahara noDJ Sbu isiyacika manje. UZahara kumele ayeke ukufuna ukudatshukelwa, akenze umculo sizowuthenga”.
Lo mculi usengcupheni yokuphucwa umuzi wakhe oseRoodepoort, eGoli, kanti kwakuhlelwe ukuthi uzofakwa endalini yomphakathi ngoMeyi 7, emuva kokuthi umculi ehlulekile ukukhokha isikweletu sanyanga zonke, sikaR17 665.
Eziphendulela uDJ Sbu esiteshini sakhe esethulwa ngezobuchwepheshe (online) iMassiv Metro, uveze ukuthi empeleni nguZahara okweleta bona ngoba babemkhokhela imali engaphezu kwaleyo okwakuvunyelwene ngayo enkontilekeni.
“Ngiyamkhumbula uZahara kodwa akayeke ukuqamba amanga. Kuyona leyo mali yama-royalty kwakumele athole iphesenti elincane kodwa sasimnika u50 (percent), okuchaza ukuthi nguyena okweleta thina,” kuchaza uSbu.
Uthe umuntu uyakhohlwa ngoba ngesikhathi uZahara elele esibhedlela enenkinga yesibindi ngenxa yotshwala, yibona ababeseduze kwakhe. Uphethe ngokuthi uzimisele ngokwenza umculo noZahara kodwa akayeke ukufafaza amanga ngabo.