NOKUBONGWA PHENYANE
UZIMISELE ngokududuza abangeke bawine kumaGrammy Awards usomahlaya wakuleli uTrevor Noah oqokelwe ukupha lo mcimbi ngonyaka ozayo.
Sekungokwesi-63 lo mcimbi usingathwa ngoJanuwari 31, e-USA kepha kungokokuqala ukuthi uhlelo lwawo luphathwe ngumuntu waseNingizimu Afrika.
Abaqokwe kuwona bamenyezelwe ngoLwesibili kwi-website ethi grammy.com ngo-7 ebusuku. Abahleli bamaGrammy Award badalule ukuthi akekho omunye umuntu ongcono abebengamcabanga akade bengamcabangaekuphatheni umcimbi ngaphandle kukaTrevor.
Usomahlaya wakuleli uTrevor uthe, yize eseke waqokwa kulo mcimbi kepha wangawina, ukuba ngumethuli wawo kuzomsiza ukududuza bonke abangazukuwina njengoba ekwazi kahle ukuthi kubuhlungu kanjani ukungayitholi le ndondo.
“Wonke umuntu usefisa ukuthi unyaka udlule, sikhohlwe yiwona ngenxa yezigameko ezenzeke kuwo. Kodwa ikhona into eyodwa esihlanganisayo futhi kuyona sithole injabulo, leyo nto umculo. Ngizizwa ngithobekile ngempela ukuthola ithuba lokuphatha lo mcimbi. Ngalobu busuku kulapho siyobe sibungaza khona abaculi bethu esibathandayo. Umculo wabo usenze sakujabulela ukuhlala ezindlini ngesikhathi sivalelwe emazweni ahlukene,” kubhala uTrevor.
Uthe usekubheke ngabomvu ukuphatha umcimbi.
“Yize ngidumele ukuthi abahleli bomcimbi banginqabele ukuthi ngicule kuwona futhi baphinde banginqabela ukuthi ngiqokwe emkhakheni weBest Pop Album, kodwa kungijabulisile ukuthi ngizophatha umcimbi omkhulu emhlabeni,” kuphetha uTrevor.
Iningi labantu bakuleli okuhlanganisa nosaziwayo limshayele ihlombe uTrevor ngokuthola leli thuba.
Kulo nyaka uTrevor ubengomunye wabakade beqokwe kulo mcimbi.
Kuwona wayeqokwe emkhakheni weBest Comedy album, nge-albhamu yakhe yamahlaya ethi Trevor Noah: Son of Patricia.