KUQUBUKE imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala injinga yaseThekwini, ihamba nabaqaphi besifazane emcimbini obuseKwaggafontein, eMpumalanga, ngempelasonto. Lezi zithombe zikaShauwn Mkhize ongusomabhizinisi wesifazane nomnikazi weqembu lebhola iRoyal AM, zishiye abantu beshaya amakhala benezinsolo eziningi ngokubonakala kwakhe nabaqaphi.
Babodwa ebebeqagela ukuthi, mhlawumbe, kunokwenza nezinsolo ezibekwe wunina wezingane zendodana yakhe eziholele ekutheni abonakala nabaqaphi.
Kulezi zithombe uShauwn ubeshuthe nezintokazi ezinhle ezigqoke ezimnyama ziphethe izinhlokohlela zezibhamu. Lokhu akugcinanga nje ngokubonakala ezithombeni kodwa kuvele nakwi-video.
UShauwn enameka lezi zithombe ezinkundleni zokuxhumana uziphelezele ngombhalo obuzitusa ngomsebenzi eziwenzayo.
"Ngiyathanda ukubona abesifazane bebonakala benza imisebenzi eyaziwa njengeyamadoda. Kuyathokozisa ukubona abesifazane bebaphonsela inselelo," kusho uShauwn.
Echaza ngezithombe kwenye ingxoxo ebephendulana kuyo nomunye wabangani bakhe, uTha Simelane, ukubeke kwacaca ukuthi akukho okutheni obekumhlanganisa nalaba baqaphi ngaphandle kokuthathwa ngokuhle abakwenzayo.
"Bebebahle kakhulu mngani wami, bekumele ngicele ukuthatha isithombe nabo," kusho uShauwn.