MBALI KHANYILE
UMCULI wokholo ukhala ngabazalwane abasindisiwe, athi badicilela phansi isithunzi sakhe bemsola ngokuthwala ezinkundleni zokuxhumana.
UThinah Zungu uthi kuyamhlukumeza ukuthi abantu bayaqhubeka nokumgxeka ngokuthi uhlale ebonakala nenyanga yaseThekwini, uDkt Khehlelezi.
Baze babuze nokuthi ewumculi wokholo futhi osindisiwe yini emhlanganisa nokhokhovula wenyanga.
Uthi bamsola nangokuthi uthwele, yingakho ephumelele futhi ekwaze nokwakha isithabathaba somuzi oyisitezi.
Lo mculi uhlale ewunameka ezinkundleni zokuxhumana umuzi wakhe. Uthi inhloso yakhe kusuke kuwukukhuthaza abantu ukuthi konke kuyenzeka uma uzimisele.
“ Umuzi ngiwakhe ngezikhwepha zami, angizange ngikhendle kumuntu ukuze ngibe nemali,” kusho uThinah.
“Ngisola ukuthi lento isihambisana nomona ngoba lo msindo uqale ukuzwakala ngemuva kokuthi ngijwayele ukunameka umuzi wami ezinkundleni zokuxhumana."
Uthi into emphatha kabuhlungu wukuthi izinto ezikhulunywa ezinkundleni zokuxhumana, zigcina zikholakala bese umuntu eba nyamanambana.
Echaza ngobudlelwane bakhe noKhehlelezi, uThinah uthi into eyenza ahlale ebonakala nale nyanga, wumsebenzi kuphela.
“Siqale ukuzwana noKhehlelezi sihlangana sizoqopha kwiGospel Avenue esasiyenza nomethuli wayo uKhaya Mthethwa. Ubudlelwane sabuqhuba njengoba namanje sisazwana naye,” kubeka lo mculi okubeke kwacaca ukuthi akazi nokuthi ihlala kuphi inyanga.
Uthi le nyanga iyammema nasemicimbini yayo ejwayele ukuyenza ebandleni layo okuyiseZayoni.