SEKUVELE ukuthi ukhulelwe usaziwayo owashonelwa umyeni ongumlingisi nokwaba yisigameko esathinta abantu abaningi.
USimphiwe Ngema emuva kokushonelwa umyeni wakhe uDumi Masilela ngo-2017 emuva kwesikhathi eside engakhulumi ngezothando useveze ukuthi ukhulelwe. USimphiwe uvuke namhlanje ku-Instagram wasabalalisa izithombe zakhe nesisu okubonakala ukuthi usengabeletha noma kunini. Uveze ukuthi ubonga isithandwa sakhe esisha uTino Chiyane ongumethuli weiznhlelo zethelevishini.
“Impela uNkulunkulu ukhona emazulwini. Uzesulile izinyembezi zami wanginika injabulo yaphakade. Ubuyisithemba empilweni yami Tino, ngohlala ngibonga ngawe nesipho esihle nokungifundisa ukukwazi ukuphinde ngithande futhi. Ngiyanithanda nobabili ngenhliziyo yami yonke," kusho uSimphiwe ngesoka nengane yakhe.
UTino naye ngokunjalo ubhale ekhasini lakhu Instagram ebonga ngokukhulelwa kukaSimphiwe ngoba yinto ekade eyifisa ukuthola umntwana.
UTino uthe ekugcineni kuphenduleke imithandazo yakhe nokwenza ambonge uNkulunkulu zikhathi zonke ngesipho ababusise ngaso. "Ngiyathembisa ngohlale nginithanda, ngininakekela nesipho sethu, engathi imbewu yethu ingakhula ibengumholi ozoletha ushintsho ahambe ngezindlela zikaNkulunkulu," kusho uTino.