USEYAZISOLA uJub Jub ngokukhuluma ngezindaba zakhe zangasese abale nomunye wosaziwayo oseveze izinsolo zokuthi wayenukubezwa ngokocansi. UJub Jub useshicilele isitatimende wasinameka emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi useyicubungulisisile inkulumo yakhe noMacG.
UJub Jub uveza ukuthi emuva kokuzilalela, uyabona ukuthi ushaye eceleni bekungafanele akhulume ngendlela esimakhele isigcwagcwa kwabaningi.
"Bekungafanele ngikhulume esidlangalaleni ngale ndlela ngidalule yonke imininingwane ngokubudlelwano bami bangasese no-Amanda Du Pont. Ngiyazisola kakhulu ngalesi sigameko," kusho uJub Jub.
#JubJub pic.twitter.com/SN3KkQ5Zmg
— Jub Jub (@official_jubjub) December 6, 2021
Akagcinanga lapho, uphinde wazehlisa wacela uxolo ku-Amanda ngokumzwisa ubuhlungu nokumhlambalaza. “Ngiyaxolisa nakubalandeli nomphakathi ngokusebenzisa ulimi olulumelayo ngesikhathi sengxoxo," kuzehlisa uJub Jub.
Ephetha uvale ngezinsolo abekwe zona ngabesifazane abahlukene okubalwa no-Amanda, wathi usethathe isinqumo sokuzidlulisela kwabomthetho. UJub Jub uthe ufuna umthetho udlale indawo yawo wanxenxa nabezindaba ukuthi nabo benze okufanayo uma beloba ngalolu daba.