USEPHUMELE obala okokuqala ngqa uSbahle Mpisane waveza ukuthi wayezenzisa uma ethi akakhumbuli lutho ngobudlelwane bakhe nonozinti u-Itumeleng Khune, nokwenzeka ngaphambi kwengozi eyamehlela ngo-2018. USbahle usho kanje kwiLive abeziqopha kuyo ekhuluma nabantu ekhasini lakhe lika-Instagram uthe wayesamkhumbula kahle owayeyisoka lakhe uKhune. USbahle uveze ukuthi wakubona kufanele ukubhaca ngesifo se-amnesia ngoba wayengakulungele ukuphendula imibuzo eminingi ngobudlelwano babo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uSbahle ekwesinye sezibhedlela eThekwini kwakuvela amahlebezi okuthi uKhune uyabonakala ezomvakashela yize isimo sakhe sasingesihle. Ukuqinisekisile konke lokhu njengomuntu osakhumbula kahle konke okwakwenzeka esesibhedlela.
" Ngathi ngine-amnesia angisamkhumbuli kodwa ngangisamkhumbula. Ngangikhuluma naye zonke izinsuku ngisesibhedlela, ehlala efika ezongivakashela konke kuhamba kahle. Nabantu babehlala besho ukuthi ngikhumbula konke kodwa ngaphandle kukaKhune," kusho uSbahle.
Abantu babehlala beshaya amakhala ngokungakhumbuli kwakhe uKhune nokwenza uSbahle acacise nosekubeke kwacaca ukuthi lesi kwakuyisinqumo sakhe. Echaza mayelana nokuhlukana kwabo uthe alikho elibi kodwa isinqumo abafinyelele kuso ngokuvumelana. Le nkulumo kaSbahle esisabalele ezinkundleni zokuxhumana okubalwa noYouTube akuyona eyokuqala evuleleka ngale ngozi eyamehlela eminyakeni eyedlule.
Selokhu ebuyele ezinkundleni zokuxhumana, uyaxhumana nabantu aphendule nemibuzo abanayo mayelana nokwenzeka kanjalo nangokwelulama kwakhe. Uphinde abhale nezinkulumo ezakhayo emakhasini akhe ekhuthaza abantu ababhekene nesimo esifanayo ukuthi bangalilahli ithemba.