ISALOKHU ibatshazwe njalo imoto kasomabhizinisi waKwaZulu-Natal olokhu esematheni ngokuphila impilo yomtakabani.
UShauwn Mkhize umangaze abaningi eveza imoto kaR16 million iRolls Royce Cullinan ngempelasonto azithengele njengesipho sosuku lokuzalwa kwakhe. UShauwn ungomunye wosomabhizinisi besifazane abamnyama asebezakhele ugazi kubantu kulandela nohlelo lwakhe lakuthelevishini iKwaMaMkhize eyadalula cisho konke ngempilo yakhe kulo.
Namhlanje uveze ukuthi ukuba nemali kuhle ngoba usuke uzazi ukuthi unamalini ebhange kodwa okubi ukuthi noma ingaba ningi kangakanani imali kodwa awazi usalelwe izinsuku ezingaki zokuphila. UShauwn uthe kubalulekile ukuthi umuntu ayiphilisise impilo yakhe futhi kungamkhathazi ukugxekwa nokwehlulelwa ngabanye abantu.
Khonamanjalo uShauwn uphinde waveza ukuthi yena nendodana yakhe u-Andile Mpisane basebenza ngokubambisana nabohlelo laku SABC 1 i-Expressions nomnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukwakha izindlu eziwu-20. Lezi zindlu uShauwn uthe ezokubhekelela imindeni ehlwempu futhi bazakha neziboshwa ukuzilekelela zicije amakhono ezinawo.