INGWAZI yomculo weR&B edume umhlaba wonke, uFreddie Jackson, igubhe usuku lokuzalwa nabalandeli bayo baseNingizimu Afrika eDurban ICC, eThekwini ngeSonto.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi lenkakha seyicula inoni layo lokugcina elisihloko sithi Rock Me Tonight kwiYou Are My Lady South Africa Tour. Empeleni uFreddie Jackson wazalwa ngomhla ka-2 Okthoba 1956.
Kube sekungena abagqugquzeli nezipho ezinhlobonhlobo maqede uFreddie Jackson nezihlwele bacula iHappy Birthday. Izithameli zibheme zakholwa ngesikhathi uFreddie Jackson eseqhulula amanoni akhe angasoze abuna, okubalwa kuwo elithi You Are My Lady nelithi All I’ll Ever Ask.
Isihlabani somculo wekwaito saseChesterville, uSandy B, sithole ingqayizivele yethuba lokucula ngokuhlanganyela nale ngwazi yaphesheya kwezilwandle inoni layo elisihloko sithi Rock Me Tonight.
Yize zithe izithameli, ebezifike ngobuningi bazo futhi ziswenke ngombala omhlophe, zisachazekile yikhono likaSandy B kodwa omunye wabaqaphi bakaFreddie Jackson wangena esteji, wathi uyamnkamfula kodwa uSandy B wayifunda ivaliwe incwadi abebhalelwa yona ngoba uphume ngesamagundane esteji.
Nakuba kunjalo izihlwele ziqhubekile zacula noFreddie Jackson iRock Me Tonight waze wavalelisa ngoba ubeseyisonga ikhonsathi.
UFreddie ubebhulelwa amazolo ngamaciko akuleli uZonke, Sjava, Ismail Ibrahim nabanye. Uchungechunge lwamakhonsathi kaFreddie luqale eSun City Superbowl eRustenburg ngempelasonto eyedlule, ladlulela e-Emperors Palace, eGoli kodwa imbenge layisonga e-ICC, eThekwini ngeSonto.