INGWAZI yomlingisi wakuleli, uSir John Kani, ithe okubuhlungu ngokudlula emhlabeni kukazakwabo, uConnie Chiume, ukuthi ushiye inqwaba yemisebenzi abesebeqashwe kuyo eHollywood.
UKani ubengomunye wezikhulumi enkonzweni yesikhumbuzo sikaConnie (72) ebibanjelwe esontweni, i-Oasis of Life Family Church, eDaveyton ngoLwesibili.
Uthe ukulingisa emidlalweni yaseHollywood bekuhlale kuyiphupho lanoma wubani.
Eqhuba uKani uthe obekubenza bavelele emafilimini aphesheya ukuthi bebengazenzi amaMelikana kodwa bebekhuluma isiNgisi njengabantu baseNingizimu Afrika.
Lo mlingisi wazakhela udumo ngokulingisa emisebenzini eminingi yakuleli neyaphesheya okubalwa kuyo iYizo Yizo, Zone 14, Black Panther, Black Is King, S'gudi S'naysi, Rhythm City, Gomora neBlessers.
Yize uConnie ebesengumakadebona womlingisi, eseneminyaka ecela ku-50 eyibambile insimbi ishisa endimeni yokulingisa futhi esezungeze umhlaba wonke, kodwa ubengaphakeme. Izikhulumi eziningi zichaze lo mlingisi njengomuntu obezithobile.
Obeyimenenja yakhe, uNoshada (esingatholakalanga isibongo sakhe), uthe uConnie ayikho indawo abetholelwa yona maqede ayibukele phansi.
"Ayikho indawo ebinkulu noma ebincane kuye. Ubezidlala zonke," kusho uNoshada.
Abanye abatuse amagalelo kaConnie ngozakwabo okubalwa kubo u-Owen Sejake, uLucky Legodi noLillian Dube.
Izingqalabutho zomculo womgqashiyo, iMahottela Queens, zishiye izithameli zisahalela impinda ngenoni elithi Lilizela Mlilizeli.
UConnie udlule emhlabeni esibhedlela, iGarden City Hospital, eGoli ngo-Agasti 5.
Ushiye emhlabeni amadodana amabili namadodakazi amabili. Ubengasashadile emuva kokuhlukanisa nomyeni wakhe ngo-2004.
Inkonzo yomngcwabo kaConnie izoba kusasa ngoLwesine e-Oasis of Life Family Church eDaveyton kusukela ngo-8 ekuseni.