ABASABHEKANI omrepha baKwaMashu ababengamathe nolimi, uNtokozo Zakwe noNgane Sikobi.
Imbangela yokungaboni ngasolinye kwalezi zinsizwa yimali nezindondo zikaZakwe okuthiwa uNgane unqwahe nakho. UZakwe usola uNgane ngokugweva nemiklomelo ayinqobe njengomrepha nemali ayizuze ngokudlalwa komculo wakhe emisakazweni naseziteshini zethelevishini. Ebuzwa uZakwe ngala mahlebezi, uphumele obala wathi:
“Izona (esho izindondo) ezingiphatha kabi kakhulu. Nomndeni awukaze ukuthole ukuphumula, ikakhulukazi umama. (UNgane) wathi awomsebenzi ebe anikwa mina njengomculi. Nemali yama-royalties (oyithola ngokudlalwa kwezingoma zakho emisakazweni naseziteshini zethelevishini) aqondene nami njengombhali wezingoma kodwa wathi ngeke ngiwathole. Kwahlula sengithi ayicazwe (imali). Angitholanga nesenti.”
UNgane uthe uzogeqa amagula ohlelweni lukaZakwe olusakazwa ku-Instagram. Uthe okwenza afune ukukhuluma kulolu hlelo wukuthi kunengxoxo eyaba phakathi kukaZakwe nomrepha uDuncan, lapho kwaphathwa khona kabi igama lakhe. La maciko ayingxenye yabasunguli beSiphethu Records neTsotsi By Nature ngokubambisana noKay Master noGuru. Umfantu ebudlelwaneni bukaZakwe noNgane waqala ukubonakala uZakwe elaxaza izinkampani. Lokho kwadala uqhekeko kuZakwe noDuncan ngoba uZakwe wayezitshela ukuthi uDuncan wayezomlandela kodwa kwangenzeka.
.UNgane uthe into ayidinga kuZakwe yithuba lokuziphendulela ezinsolweni abhecwa ngazo.