UMA kukhulunywa ngezithandani ezingamathe nolimu, umculi wekwaito uKabelo Mabalane nomkakhe ongumlingisi, uGail, ngeke ubashiye ngaphandle.
Muva nje lezi zithandani bezigubha iminyaka ewu-12 zabopha ifindo lomshado. Bekhuluma kwi-The Makhs Podcast, uGail wathi asikho isinqumo esiyodlula esokushada noKabelo eseneminyaka ewu-28.
Uthe kwamnikeza inkombandlela futhi kwamvula amehlo ngento uNkulunkulu afuna ukumsebenzisa kuyo.
"Kunamandla kakhulu uma nimunye. Ngakho ngiyabonga ukuthi ngashada uKabelo ngoba iyacaca injongo yami. Ukuba munye kwethu kungenza ngibone uKabelo njengomngani wami oqotho futhi sesizakhele umhlaba wethu lapho siphila khona ndawonye."
Uthe ukuba nomuntu othakasela impilo naye kuyisibusiso “ngoba ningahlala nithokozile, ninempumelelo nayo yonke into kodwa uyangilola. Uma ngibuthaka, yena uba namandla."
UKabelo uthe ngaphandle kokuthi uGail muhle kodwa okumchaza kakhulu ukuthi umkakhe uyahlekisa futhi bahleka ndawonye.
OKabelo bahamba ezinyathelweni zabaculi asebemnkantshubomvu, uLinah "Ebony" Khama-Ngcobo noBhekisisa "Ihhashi Elimhlophe" Ngcobo, abaqeda iminyaka ewu-46 beshadile. Lezi zithandani zibusiswe ngezingane ezine nazo eseziphumelele, uNkosinathi, Ntombi, Jabu noVusiwe. Ekhuluma neSolezwe, u-Ebony wathi okubenza behlale bethandana ukuthi bangabangani futhi abanazimfihlo.
U-Ebony uthe bona indlela abathandana ngayo baze babizwe ngamawele.
"Enye imfihlo uma uganiwe isikhathi sakho esiningi usichitha nomkakho, hhayi nabangani bakho. Abanye uthola ukuthi isikhathi esiningi basichitha nabangani bese amahora amabili bewachitha nomndeni. Nakhona ebuya esezolala futhi ekhathele. Leyo ndoda isithola nini isikhathi sokujwayelana nomkayo."
Ihhashi Elimhlophe lithe indaba iqala umuntu usamshela.
"Angithi uyamtshela ukuthi ufuna ukumenza umkakho. Ayikho into edlula ukuxolisa uma wenze iphutha. Ungalokhu uthi mina ngiyindoda ekubeni umkakho akugana azi ukuthi uyindoda. Kufanele wonke umuntu osemshadweni ajabule."
UCaiphus Semenya (85) noLetta Mbulu (82) sebeneminyaka ewu-59 beshadile. ULetta uthe yize uCaiphus eneconsi futhi uyiLeo kodwa okumchaza ngaye ukuthi uyindoda eyisimangaliso, esekanayo nenothando namancoko.
UCaiphus uthe waqala ukuthanda uLetta kusahlangane amehlo. “Okwamanje angikakakuboni okungangenza ngiqede isivumelwano esinaso. Engikuthanda kakhulu ukuthi ungumuntu wesifazane ozibophezelelayo nongowase-Afrika,” kuchaza uCaiphus.
UZakes Bantwini noNandi bashada ngo-2016 futhi bahlela ukukhipha umsebenzi abazobe bewuhlanganyele.
UZakes Bantwini ukholwa ukuthi uNandi uyiyona yonke into kuye futhi okumchaza kakhulu ngaye ukuthi uyama entweni uma ekholelwa kuyo, angancamela ukulahlekelwa yizindodla zemali. NoNandi uthi okumhlanyisa ngoZakes ukuthi akukhathalekile ukuthi usezuzeni empilweni kodwa usazithobile.
Ekhuluma kwiKaya FM, uNandi wathi abanandaba nokuthi kuthiwani ngabo emithonjeni yezindaba ngoba uma uke wakunaka lokho usuke sewuzilandela ukhwantalala.
Kulo nyaka uDJ Tira nomkakhe, uGugu Khathi, baqeda iminyaka engu-12 bashada futhi babusiswe ngezingane ezintathu.
UGugu wabhala ukuthi uTira uyisithandwa sempilo yakhe futhi usuku nosuku enaye kuyisibusiso. Weluleka intsha ukuba ingaphiki nokushiwo ezinkundleni zokuxhumana.
UMbusi "DJ Sox" Sokhela nomkakhe, uGloria Bluebird, bathembisana umshado ngo-2009 ngaphambi kokushada ngo-2017. USox wacashunwa ethi waba nenhlanhla yokushada nonkosikazi oqotho futhi owuqondayo umsebenzi wakhe.
Uthe kwasiza ukuthi bathandane besebancane futhi bengakabi nalutho kodwa umkakhe wayeziqonda izifiso zakhe. Manje njengoba sebehlala ndawonye uyawabona lawo maphupho efezeka. USox ukholwa ukuthi okwenza uthando lusimame ukukwazi ukuxhumana nokulandela imiyalelo yeBhayibheli.