UMAKADEBONA womsakazi uThabo "TBose" Mokwele, uzohlala phansi nezilomo ngenhloso yokuthi zigonyuluke ngalokho esezidlule kukho ohlelweni olusha i-The Ones with TBose, kuMzansi Wethu kusuka ngenyanga ezayo.
UTBose, oneminyaka engaphezu kwengu-30 esemkhakheni wezokungcebeleka, kulindeleke ukuthi aveze amangwevu akhe okubuza abantu ngendlela yokuthi bavuleleke.
Yinto efanayo nayenza ohlelweni lwakhe emsakazweni kwiKaya FM, lapho eke ameme khona osaziwayo.
Phakathi kwabalindeleke ukuthi babonakale ohlelweni kubalwa uqolothakamango womlingisi uJohn Kani, Thandiswa Mazwai, uDJ Black Coffee, Zakes Bantwini nabanye abaphumelele kweminye imikhakha.
Umqondisi wezinhlelo zakuleli kwa-M-Net, uShirley Adonisi, uthe iNingizimu Afrika inezindaba eziningi ezingaxoxiwe, amasiko anothe ngokuningi futhi ihlale iqopha umlando.
“I-The Ones with Tbose ibheka ekujuleni kwalo mphakathi ngenhloso yokuveza uhambo olwenze laba bantu baphumelela. Kuzoba yinto entsha enhle kubabukeli bethu futhi sizibheke kakhulu izindaba eziletha okubili okuwubumnandi kanjalo nokudla kwengqondo," kusho uShirley.
Lolu hlelo kuthiwa luzobe luveza konke okwenze umuntu waphumelela.
I-The Ones with Tbose izoqala kuMzansi Wethu (DStv Channel 163) kusuka ngoMashi 30 (ngeSonto) ngo-6 ntambama.